Now Reading
Kufezeke iphupho lakhe leminyaka evikela isicoco sakhe
Dark Light

Kufezeke iphupho lakhe leminyaka evikela isicoco sakhe

U-Arnya Sabalenka okleliswe endaweni yesibili emhlabeni kwabesifazane kwezebhola lomphebezo uthela othulini intokozani yaseChina, uQinwen Zheng ngamasethi amabili elandelana.

Kweyokuqala uzidlulele kalula ewina ngo 6-3. Kweyesibili uvele wenza umsebenzi walula kakhulu enqoba ngo 6-2.

Le ntokazi yaseBelarus iyona ebivikela isicoco se-Australian Open esinqobe ngonyaka odlule.

Ngaphambi komdlalo wamanqamu uSabalenka utshele abezindaba e-Australia ukuthi iphupho lakhe elikhulu noyise kwakuwukuthi ashayelwe yiminyaka engama-25 esenqobe izicoco ezimbili ezinkulu (Grand Slam) emdlalweni webhola lomphebezo.

Uyise kaSabalenka udlule emhlabeni ngemuva kokuhlinzwa ngowezi-2019. NgoNhlaba, lesi siphekepheke sizobe sigubha iminyaka engu-26 mhla zingamashumi amabili nesithupha.

Nangempela uSabalenka ukwazile ukufeza iphupho likayise. Ngonyaka odlule ufinyelele nakowamanqamu we-US Open kodwa wafike wakhala ngaphansi.

See Also

Le ntokazi ikhula ngesikhulu isivinini kwabesifazane. Ngawo unyaka odlule iphinde yafinyelela kowandulela amanqamu eWimbeldon. USabalenka uphinde waphuma esigabeni esifanayo nakuFrench Open.

Kwabesilisa, uJanniker Sinner odabuka kwelaseMelika uzotholana phezulu noDaniil Medvedev kusasa ngehora le-10.30 kowamanqamu we-Australian Open ozoba seRod Laver Arena. USinner ugaqele isicoco sakhe sokuqala esikhulu kwezebhola lomphebezo.

Ngakolunye uhlangothi uMedvedev ubheke ukuqeda irekhodi lakhe elibi kweyamanqamu e-Australia Open. Usedliwe kabili kulandelana kweyamanqamu. Ugilwe nguNovak Djokovic usefaniswa nenkosi ye-Australian Open.

Scroll To Top