Now Reading
Wenze ezibukwayo uDjokovic kwezethenisi edla izicoco waphinde waphula namarekhodi
Dark Light

Wenze ezibukwayo uDjokovic kwezethenisi edla izicoco waphinde waphula namarekhodi

Kube ngunyaka kaNovak Djokovic kwezethenisi. Lesi sihlabani saseSerbia bekubukwa sona ikakhulukazi kulezi zicoco ezithathwa njengezinkulu emdlalweni wethenisi.

Onyakeni umdlalo wethenisi uba nemiqhudelwano emine emikhulu eyaziwa ngama-Grand Slam.

Kuleyo miqhudelwano kukhona i-Australian Open okuvulwa ngayo unyaka ngoMasingana bese ilanywa yiFrench Open ibanjelwa eFrance ngoNhlangulana. 

Uma kuphela iFrench Open eyaziwa ngeRoland Garros kube sekulandela iWimbledon edlalelwa otshanini kwelamaNgisi. Unyaka uvalwa nge-US Open ngoMbasa.

Intatheli yelaboHlanga isibhekela izimanga zikaDjokovic kwezethenisi:

Ku-Australian Open:

UDjokovic uqale unyaka wezi-2023 ekweleta ngesicoco esisodwa ukuze afice inkakha yaseSpain uRafael Nadal onezicoco ezingashumi amabili nambili uma kukhulunywa ngezinkulu (grand slam). UNadal nguyena obehamba phambili emhlabeni ngama-grand slam. Ngowezi-2022, uDjokovic akazange adlale ku-Australian Open naku-US Open ngenxa yokhuvethe. Ekuqaleni konyaka ubuye kwezwakala ku-Australian Open. Ungingqe uStefano Tsitsipas ngo 6-3 7-6 7-6 ukuphakamisa isicoco se-Australian Open. Ngaleyo ndlela ufice uNadal. Njengamanje usenezicoco eziyishumi se-Australian Open okumenze umdlali ohamba phambili.

Ku-French Open:

Le nsika yaseSerbia idlulele kuFrench Open kulandela ukufica uNadal. Ibibheke ukumedlula ngokudla ubhedu eParis. Nangempela ifike eFrance kwakhala esayo isichathulo. Inqobe isicoco sayo sesithathu seFrench Open ithela othulini uCasper Ruud waseNorway ngamasethi amathathu elandelana. Uwine ngo 7-6 6-3 7-5. Impumelelo imbeke esicongweni njengomdlali onama-grand slam amaningi emhlabeni kwabesilisa nabesifazane.

Ku-Wimbledon:

KuWimbledon ubesebheke ukuvula igebe phakathi kwakhe noNadal. Ungene kwelamaNgisi nezicoco zakhe eziyisikhombisa emlandweni wakhe kulo mqhudelwano. Ubebheke esesishiyagalombili. UCarlos Alcaraz nguyena oqede ukucanasa kukaDjokovic emguqisa kowamanqamu. Akuzange kubelula kodwa. Umdlalo uhambe amasethi amahlanu. Le ntwana yaseSpain inqobe amathathu.

Ku-US Open:

UDjokovic unqobe isicoco sakhe samashumi amabili nane se-grand slam eMelika. Kowamanqamu ushaye uDaniil Medvedev ngamasethi amathathu elandelana.

Ku-Adelaide International:

See Also

Le ngwazi yomdlali wethenisi iphinde yafinyelela komunye umdlalo wamanqamu kodwa yakhala ngaphansi. Iqunjwe phansi nguSebastain Kord ngamasethi amathathu elandelana.

Ku-Cincinnati Masters:

Uthole ingqayizivele yethuba lokubuyisa izinduku ku-Alcaraz omgile kowamanqamu we-Wimbledon. Bahlangana kowamanqamu weCincinnati wafike wakhonya.

Ku-Paris Masters:

Uqhubekile nokufaka emgodleni wakhe obusuvele unyinyitheka elahla phansi uGrigor Dimitrov kufayineli yeParis Masters.

Ku-ATP World Tour Final:

Uzigwazele ibhece kuJannik Sinner kowamanqamu we-ATP World Tour Final uluvala unyaka ngesitayela.

Scroll To Top