Now Reading
Ugaqele isicoco sakhe sokuqala kwezinkulu umdlali waseMelika
Dark Light

Ugaqele isicoco sakhe sokuqala kwezinkulu umdlali waseMelika

U-Janniker Sinner ogile izimanga eqeda ukucanasa kukaNovak Djokovic ku-Australian Open ngoLwesihlanu.

Lomdlali okleliswe endaweni yesine emhlabeni izotholana phezulu noDaniil Medvedev kusasa ngele-10.30 kowamanqamu we-Australian Open uzoba seRod Laver Arena.

USinner uzobe edlala okokuqala kowamanqamu wezicoco ezinkulu (Grand Slam).

Umangaze izinkumbi zabalandeli bebhola lomphebezo eqeda ngerekhodi likaDjokovic obesedlale imidlalo engama-33 ilandelana engayazi induku.

Bese kuphele iminyaka eyisithupha ilandelana uDjokovic ezitika ngesicoco se-Australian Open.

Bekubhekwe ukuthi aphinde azidlulele kalula nakuSinner kodwa wamphendukela esiswini njengotshwala.

USinner unqobe ngamasethi amathathu kweyodwa. Nale eyodwa ayinqobile uDjokovic ize yafinyelela kuTie Breaker.

UMedvedev azobhekana naye useke wasinqoba isicoco esikhulu. Ngowezi-2021 wakhala wemuka nesicoco se-US Open.

See Also

Lo mdlali odabuka kwelaseRashiya uzobe engaqali ukudlala kowamanqamu we-Australian.

Kusasa kuzobe kungokwesithathu edlala kowamanqamu. Ngowezi-2021 nangowezi-2022 ufinyelele kowamanqamu kodwa wakhala ngaphansi eshaywa nguDjokovic kuyona yombili imidlalo yamanqamu.

Kulokhu uzobe ebheke ukulishintsha irekhodi lakhe kweyamanqamu e-Australian Open uma esebhekene noSinner. Bobabili basathungatha isicoco sokuqala ku-Australian Open.

Scroll To Top