Uzitholele ikhaya elisha eSaudi Arabia uJingles
UPitso “Jingles” Mosimane oke wakhonjwa kuKaizer Chiefs useqashwe yiqembu eligijima kuSaudi Pro League elaziwa nge-Abha Club yaseSaudi Arabia.
UMosimane uzakhele igama eSaudi Arabia ngesikhathi edla umhlanganiso esigabeni esiphansi ne-Ali Ahli Saudi.
I-Abha azothatha kuyona izintambo ivika izembe. Usayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha.
Uhamba nethimba lakhe labazomlekelela okubalwa kulona uMaahier Davids, Kabelo Rangoaga, Musi Matlaba, Kyle Solomon, noHamad Alyami.
Ekhuluma esitatimendeni esikhishwe yinkampani ephethe izindaba zakhe iMT Sport uveze ukuthi ujabule ngokubuyela eSaudi Arabia.
“Ngijabule ukubuyela eSaudi Arabia ukuzobhekana nalo mshikashika obhekene neqembu. I-Abha iyadlondlobala. Kumasizini amane edlule leli qembu belidlala esigabeni sesithathu,” kuchaza uMosimane.
Iligi yaseSaudi Arabia ihlabe ikhefu njengoba kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon) kwelase-Ivory Coast. Iyozs ibuyele enkundleni mhla ziyishumi nanhlanu kuNhlolanja.
“Iqembu libhekene nejoka. Ngizizwa ngikhethekile ngokuthi iqembu linginike inselelo yokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu aligawula yizembe,” kulandisa uMosimane.
UJingles usezakhele igama ngokufike adle izicoco yonke indawo lapho ehamba khona.
Umnikazi wenkampani ephethe uMosimane, Moira Tihagale udalule ukuthi baneme ngokuqashwa kwalo mqeqeshi.
“Angingabazi ukuthi ithimba lethu labaqeqeshi lizokwazi ukusindisa iqembu ezembeni. Irekhodi likaMosimane nethimba lakhe lokukhonya yilona elizobenza benze kahle,” kubeka uTihagale.