Now Reading
Isipiliyoni se-ANC ngokhetho singahle siwunqobele
Dark Light

Isipiliyoni se-ANC ngokhetho singahle siwunqobele

Nonyaka kuphela iminyaka engama-30 i-African National Congress (ANC) yaphatha izintambo zikahulumeni. Kuleminyaka kukhona isikhathi lapho kwabe kusobala ukuthi izoludla ukhetho kepha kukhona futhi nezikhathi lapho kwamele isebenze ngokuzikhandla. Ngokhetho lonyaka we-1994 ezingqwembeni ikhanda likaMnu uMandela lenza kwalula ukuba ingene kubantu.

Empeleni udumo lukaMandela kuleli nasemhlabeni jikelele lenza kwangaba nongabazane ukuthi ngubani ozoba ngumengameli wokuqala weNingizimi Afrika entsha. Kulolo khetho i-ANC umlayezo wayo wabe ulula ugxile kwinkululeko. Uma ufuna inkululeko uvotela i-ANC, uvotela uMandela. Idumela likaMandela laqhubeka laweza lenhlangano nangezikhathi zikaMbeki owabe ethathwa njengesandla sokuphosa sikaMandela.

 Eminyakeni elandelayo leli qembu laba kwingcindezi yokuziphungela njengoba kwabe sekukhona amabatha ekuphatheni nasekubuseni lelizwe. Izimbangi zalo ezifana ne-Democratic Alliance (DA) zaqinisa ekuvumbululeni umsanka nabamatha. Abaholi abafana noMnu uTony Leon ku-DA baba ngabokuqala ukujijibeza uKhongolose ngomkhankaso wabo i-Fight Back.  Ngaleso sikhathi uLeon wabe enesiqiniseko sokuthi iqembu lakhe lizothola ama-20% okhethweni nokho wakhala ngaphansi njengoba iqembu lakhe lathola ama-12%. Khona lapho bahluleka ukuthola ivoti laboHlanga. 

Omunye umholi we DA owabhekana ngqo noKhongolose ngezikhathi zemikhankaso kwaba nguNks uHelen Zille. Yena wayehlose ukudla esakeni linye noKhongolose njengoba wayeqomisa kubavoti boHlanga. Umkhankaso kaNks uZille wabe uqhudelana nesiqubulo se-ANC nesabe sikhuluma ngesizwe esibumbene. Lokhu i-DA yayithi ayikukhulumi nje kuphela kepha iyakwenza njegongoba yabe isifaka abaholi boHlanga yagxila kubantu abasha. 

Kuhambe kwahamba zanda izimbangi ezinamandla njengawo u-ANC uma sekukhuluma ngokungenisa emiphakathini yaboHlanga. Ukufika kwe Economic Freedom Fighters ( EFF) kuguqule umdlalo.

 Ezika Malema kazifananga  neDA yona ebihlala njalo iphoqeleka ukuthi uma iya kubantu kumele iqale izichaze noma iveze ubufakazi bokuthi yona ayilona iqembu labelungu. Abe EFF bebesavuna lapho i-ANC isavuna khona. Bekhuluma ulimi olukhulunywa yi-ANC.  

Isipiliyoni sokukhankasa 

Nokho kuzo zonke lezi zinselele kukhona into eyodwa i-ANC ebigogode ngayo – okuyindlela ebiqhuba ngayo imikhankaso yayo. Kusuka kuziqubulo, izikhangisi, uhlobo lwabaholi olukhuluma ngesikhathi sokhetho nezindlela ezahlukene zokuhlangana nokungena kobantu bambalwa abangasondela kuKhongolose. Kwenye inkathi ukuba semandleni bekuwusebenzela ngoba nakhu ongumengameli  wezwe ubethi uma eyokhankasela iqembu kudilike uhulumeni wonke. Lokhu nakanjani bekwengeza ku-ANC kuwalimaza aphikisayo. Ngesikhathi sokhetho ayikho ingxenye yezwe engenayo imibala ye-ANC nokukhomba ukuthi isifuba sempi yokhetho saleli qembu silazi lonke elakuleli . 

See Also

Imali lapha ibinomthelela omkhulu. Ngokhetho lowezi-2019 i-ANC yaphoqeleka ukuba ingene ezikweletini zezinkulungwane zamarandi ngenxa yezingqwembe zokhetho.  Enye imali njengoba kwavela nakukhomishana kaZondo leli qembu labe liyithola kubahlobo balo abenza ibhizinisi nohulumeni.  Nalapha isipiliyoni sokukwazi ukusebenza nokusebenzisa osomabhizini laba sasiyinqobela lenhlangano. 

Ukusebenzisa umlayezo nempumelelo kahulumeni ngenye yezindlela leliqembu elidla ngazo umhlanganiso. Ngesikhathi sokhetho izibalo zikahulumeni ziba ngeze-ANC. Impumelelo kahulumeni iba yimpumelelo ye-ANC. Lokhu kulukhuni ukuyisola kukho ngoba nakuwo amaqembu aphikisayo aphethe ezindaweni ezithile lapho i-ANC ingeliphikisayo khona nabo benza okufanayo. Okunye yikho ukuthi uma kungekuhle kuhulumeni kusolwa yona ngoba kwaziwa ukuthi okuhle nokubi kuhulumeni ngokwayo. 

Lesi sipiliyoni nokwazi ngabantu bakuleli kakhulukazi aboHlanga singenza uKhongolose uputshuke nakulokhu njengoba bekuhlale kwenzeka lapho bekuthi usubuthwa phansi kepha ngenxa yesipiliyoni uvuke uthi qingqo.

Scroll To Top