Bazimisele ngokuqhubeka lapho begcine khona abeNjampela FC
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMenenja yeNjampela FC okuyiqembu eligijima ku-Safa ABC Motsepe League esifundazweni KwaZulu-Natal, uTito Mkhize uthi bazimisele ngokuqhubeka lapho abagcine khona kumlenze wokuqala kwiligi.
INjampela FC okuyiqembu lakwaNongoma iqede umlenze wokuqala izihola phambili kulogi kuqoqo A. Emva kwemidlalo eyi-9 inamaphuzu angama-22.
Kule mpelasonto kuzoqala umlenze wesibili, kusukela imidlalo ime nyakenye.
“Okokuqala nje ngifisa ukusho ukuthi ukuqeda umlenze wokuqala siphezulu kusho lukhulu, kwazise into leyo engakaze yenzeka emlandweni. Sizimisele ukuthi siqhubeke nokuhlala phezulu kuze kube iligi iyasongwa” kusho uMkhize.
INjampela FC yize iphezulu kodwa ihlalelwe umqansa wokuthi ivule igebe kwazise amaqembu angemumva kwayo asele ngamaphuzu amancane kuyona.
Lawo maqembu asezithendeni zayo iNjampela FC kukhona iSummerfield Dynamos noMkhumbane Classic bobabili abanamaphuzu ali-19.
“Ngoba kade ivaliwe imidlalo yeligi sithathe isinqumo sokuthi sidlale imidlalo yobungani namaqembu agijima kuyona iSafa ABC Motsepe League esifundazweni i-Eastern Cape. Besifuna ukudlala nabantu esingabazi ukuze sibone ukuthi sikulungele yini ukuqhubeka nomgqigqo wethu. Okuhle sidlale namaqembu asembangweni wakhona e-Eastern Cape” kubeka uMkhize.
Ebuzwa ukuthi bawaqinise amabhawodi uthe: “Asidedelanga mdlali bonke abadlali abakhona sikholelwa ukuthi bawusizo eqenjini. Kwesibasayinisile okwamanje ngeke ngande kakhulu kodwa zikhona into efana naleyo. Kodwa ngicela silinde kuze kube konke kuyaqedwa” esho.
Kule mpelasonto iNjampela FC izotholana phezulu neStone Breakers, lo mdlalo uzobanjelwa ePrince Mangosuthu Stadium oLundi.
“Kuyasithokozisa ukuthi abantu bakwaNongoma bayasiseka. Nathi kungakuhle makungathiwa siyabajabulisa. Ebholenike kwenzakala noma yini asisho ukuthi kungenzeka noma kungangenzeka, mhlambe singanqoba lapha esifundazweni siye kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship nakhona sinqobe sigcina sinyukela kuyona. Kodwa asibhekile kakhulu lapho, okwamanje sibheke umdlalo wangoMgqibelo. Umdlalo nomdlalo siwuthatha njengowamanqamu” kusonga uMkhize.
Kuqoqo B khona kuqhwakele uMkhambathi FC onamaphuzu angama-22, ulingana noMsinga United. Elinye iqembu elisembangweni weligi iDrakensburg FC.