Owase-Equatorial Guinea uzibeke ethubeni elihle lokungena emlandweni
Umgadli weqembu lesizwe lase-Equatorial Guinea usezibeke ethubeni elihle lobalwa nezingwazi zabadlali emlandweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka kwelase-Ivory Coast.
UEmilo Nsue Lopez usehlohle enethini amagoli amahlanu emidlalweni emithathu. Ufake isandla empumelelweni yezwe lakhe lifinyelela esigabeni somkhumulajezi.
Ezakhe ziqede esicongweni ngamaphuzu ayisikhombisa kuGroup A ngemuva kwemidlalo emithathu.
Kowokuqala akazange alithole igoli i-Equatorial Guinea ibambana neNigeria ngo 1-1 emdlalweni wokuqala.
Uvuke umbhejazana emdlalweni wesibili ngesikhathi bebhubhisa iGuinea Bissau ngo 4-2.
Unamathelise enethini amagoli amathathu. Ube ngumdlali wokuqala kulo mqhudelwano ukushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa.
Kowokugcina wamaqoqo uphinde waqhubeka ngomgqigqo ofanayo ezakhe zibhaxabula osokhaya i-Ivory Coast ngo 4-0.
Ushiye enethini amagoli amabili. Njengamanje nguyena ozihola phambili ku-Afcon ngamagoli amahlanu.
I-Equatorial Guinea isizobhekana neGuinea ngeSonto ngehora lesi-7 ebusuku e-Olympic Stadium of Ebimpé emdlalweni we-last 16 yalo mqhudelwano.
ULopez usedinga igoli elilodwa ukuze ajoyine uYaya Toure, noGervinho base-Ivory Coast, Mohammed Salah noMohammed Aboutrika baseGibhithe, Benni McCarthy noShaun Bartlett baseNingizimu Afrika, Ahmed Faras waseMorocco, George Alhassan noWilbeforce Mfum baseGhana, Julius Aghahowa noSegun Odegbami baseNigeria, Mayanga Maku waseDRC, Riyadh Mahrez noLakhdar Belloumi base-Algeria bonke abanamagoli ayisithupha.
UNdaye Mulamba waseZaire nguyena ophethe umlando wokuba ngumdlali onamagoli amaningi emqhudelwaneni owodwa we-Afcon. Washaya amagoli ayisishiyagalolunye ngowe-1974.
ULopez udinga amanye amagoli amane ukuze afike kuleli rekhodi. Okwamanje usabambene noShaun Bartlett owashaya amahlanu ngowezi-2000, Samuel Eto’o waseCameroon owazitholela amahlanu ngowezi-2006 eGibhithe nangowezi-2008 kwelaseGhana, uKalusha Bwalya waseZambia awabhakuzisa amahlanu ngowe-1996 eNingizimu Afrika noRashid Yekeni waseNigeria owahlohla amahlanu ngowe-1994 kwelaseTunisia.
Abanye abanamahlanu nguSelif Keita waseMali awashaya ngowe-1972 no-Ad-Diba owashaya amahlanu kwelaseGibhithe ngowe-1957.
Elilodwa lizombeka mdibimunye noLaurent Pokou wase-Ivory Coast noHassan El-Shazly bobabili abashaya ayisithupha ngowe-1968 nangowe-1963 ngokulandelana.
UMcCarthy noHossam Hassan bahlezi endaweni yesihlanu ohlwini lwabadlali abanamagoli amaningi emqhudelwaneni owodwa. Ngo-1998, eBurkina Faso babhakuzisa amagoli ayisikhombisa.
Kweyesibili kukhona uVincent Aboubakar noPokou abashaye ayisishiyagalombili ngowezi-2021 nangowe-1970.
ULopez usethubeni lokufaka igama lakhe kuyoyonke lemilando. Amanye abadlali abamlandela kule-Afcon nguMostafa Mohammed waseGibhithe onamagoli amathathu.
UBaghdad Bounedjah usephumile kulandela ukugoduka kwe-Algeria kweyamaqoqo. Naye ubenemagoli amathathu.