Kuzohlukana inhloko nesixhanti uma sekubhekene iMorocco neBafana Bafana
Kuzohlukana inhloko nesixhanti ngoLwesibili ebusuku uma sekutholana phezulu iMorocco neBafana Bafana emdlalweni we-last 16 we-Africa Cup of Nations (Afcon).
Womabili lamazwe alambele i-Afcon ngezizathu ezifanayo. ElaseNingizimu Afrika ligaqele ukuqeda ishobolo leminyaka engama-28 lagcina ukunqoba lo mqhudelwano omkhulukazi webhola e-Afrika.
Ngakolunye uhlangothi i-Atlas Lions yona yagcina ukukhonya ku-Afcon eminyakeni engama-48 eyedlule.
IMorocco izibekisele indawo esigabeni somkhumulajezi we-Afcon ngemuva kokuqeda esicongweni kuGroup F ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu.
Inqobe emibili yadlala ngokulingana kowodwa. Ibhaxabule iTanzania ngo 3-0. Kuthe kusenjalo yabambana neDRC Congo ngo 1-1. Izolo ebusuku ithele othulini iZambia ngo 1-0 wegoli likaHakim Ziyech.
IBafana izitholele ithikithi elibheke ku-last 16 ngemuva kokuqeda endaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu.
Idliwe yiMali ngo 2-0 kowokuqala kwathi kowesibili yadinelwa kuNamibia iyibhonya ngo 4-0 ngeSonto ebusuku e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
Phakathi kwala mazwe amabili kukhona oyedwa okumele awashe ijezi. Oyedwa wabo angase aphinde ezithole eqhubeka nokulinda.
IBafana neMorocco bebeseqoqweni elilodwa kweyokuhlunga. INingizimu Afrika igcine iqeda esicogweni kwathi elaseMorocco layibamba endaweni yesibili.
IBafana iqumbe phansi i-Atlas Lions ngo 2-1 eFNB Stadium kwathi ekuhambeni yaguqa ngawo u 2-1.
Womabili la mazwe ayakweletana. Ngowezi-2013, iBafana yashiya kukhihlwa esikaNandi eMorocco.
Yabambana ne-Atlas Lions ngo 2-2 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ngemuva kwalokho iBafana yadlulela ku-last 16 kwathi iMorocco yawasha ijezi kweyamaqoqo. Kulokhu izobe ibheke ukubuyisa izinduku.
Womabili amazwe asabambe umoya ngezihlabani zawo zabadlali. UZiyech uthinteke iqakala emdlalweni wokugcina wamaqoqo okuphoqe ukuthi akhishwe ngesikhathi sekhefu. Uzobhekwa ngodokotela.
NakuBafana kube ngesifanayo uKhuliso Mudau ethinteka ngesiwombe sokuqala. Akazange abuye ngesiwombe sesibili. Indawo yakhe ithathwe nguNyiko Mobbie. Naye ozoba semehlweni odokotela.
IMorocco ithelwe ngeqoma kulo mqhudelwano. NgeNdebe yoMhlaba iqophe umlando iba yizwe lokuqala lase-Afrika ukufinyelela kowandulela amanqamu kwelaseQatar ngowezi-2022.
Njengamanje ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika kanti iyibambe endaweni yeshumi nantathu emhlabeni jikelele. Isanda kuqokwa njengeqembu lesizwe elivelele e-Afrika.
Isishoda ngesicoco se-Afcon. Indlela yayo kumele iqale idlule kuBafana eyagcina ukunqoba i-Afcon ngowezi-1996 kade isingethe lomqhudelwano.
Ngowe-1998, iBafana yadliwa ngelaseGibhithe kowamanqamu. I-Atlas Lions yagcina ukufika kowamanqamu ngowezi-2004 ithela othulini iTunisia eyayingosokhaya.