Now Reading
Lingahle ligqabuke igoda phakathi kwaMaZulu FC noSpar.
Dark Light

Lingahle ligqabuke igoda phakathi kwaMaZulu FC noSpar.

ElaboHlanga lithole lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi abakwaSpar ngeke bayivuselele inkontileka yabo noSuthu.

AbakwaSpar noSuthu basuka kude kakhulu. La baxhasi yibona abebehlezi esifubeni sejezi laMaZulu bese kuthi inkampani yezimoto iGrinrod iyibambe engalweni.

“Le ngathi yisizini yokugcina abakwaSpar bexhasa AmaZulu. Ngesizini ezayo sengathi ngeke baqhubeke noxhaso lwabo,” kuchaza umthombo othembekile.

USuthu luphinde luxhaswe yiziko lwezokungcebeleka eThekwini.

“AbakwaSpar sengathi bebefaka imali eyizigidi ezili-R18 ngesizini. Le nkampani isithathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yalo neqembu,” kuqhuba umthombo.

AmaZulu angaphansi kobuholi bukaSandile Zungu, kumasizini adlule ake aqopha umlando eqeda endaweni yesibili ku-log yeDStv Premiership. 

Kuthe kusenjalo afinyelela kweyamaqoqo eCaf Champions League. Aligcinanga lapho kodwa aphinde adliwa kowamanqamu eMTN8.

Aphinde aheha nenqwaba yabadlali abadumile okubalwa kubona oTsepo Masilela, Siphiwe Tshabalala, Xola “Ten Ten” Mlambo, Ramahlwe “Rama” Mphahlele noGabadinho Mhango.

“Njengamanje iqembu liphansi phezulu lizama ukunciphisa izindleko. Like lazama ukungena esivumelwaneni nabakwaHollywoodbets kodwa isigungu esiphezulu kuPremier Soccer League (PSL) saluchitha lolu xhaso. AmaZulu abefuna ukuvala isikhala sikaSpar ngabakwaHollywoodbets  kodwa iligi yanqaba. Ngendlela isimo esiyiyo ungathuki uma iqembu lamukela izicelo zabadlali abafunwa ngamaqembu amakhulu aseGoli,” kubeka umthombo.

Kulabo badlali kubalwa uVeli Mothwa noSede Junior Dion kanye nabanye.

See Also

Usuthu kuvela ukuthi luvule izandla nabafuna ukuthenga amasheya.

“Iqembu livule izandla kwabafuna ukuthenga isiteki sama-49% wamasheya eqenjini ukuze iqembu lizame ukuthola imali ethe xaxa.” kuchaza umthombo.

AmaZulu FC ethintwa ngodaba lokugqashuka kwegoda phakathi kwawo noSpar ale aphetha athi ayikho leyonto.

“Angiyazi lento okhuluma ngayo mfowethu, ayikaze ikhulumeke into enjalo. USpar namaMazulu FC basanenkontileka, lendaba ngeke ngikhulume kakhulu ngayo ngoba into engiqalayo ukuyizwa” kusho uPhilani Ndlela waMaZulu FC. 

Scroll To Top