Now Reading
Usalambele amanye amagoli umdlali weBafana oqophe umlando
Dark Light

Usalambele amanye amagoli umdlali weBafana oqophe umlando

Usalambele enye inqwaba yamagoli kuBafana Bafana umdlali weMamelodi Sundowns uThapelo Maseko ozifake emlandweni ngesikhathi elakuleli libhaxabula iNamibia ngo 4-0 ngeSonto ebusuku e-Amadou Gon Coulibaly Stadium kwelase-Ivory Coast emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon).

UMaseko ungene endaweni kaThemba Zwane esuka ebhentshini ngomzuzu wama-70. Ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye engenile enkundleni uzitholele igoli lakhe lokuqala edlubhe imifaniswano yeqembu lesizwe.

Leli nxele lingene emlandweni liba ngumdlali omncane kunabo bonke asebeke badlala kuBafana ukubhakuzisa inethi.

Njengamanje uMaseko uneminyaka engama-20 okumenza umdlali omncane kunabobonke emlandweni weBafana ku-Afcon ukushaya igoli.

Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo weNamibia, uMaseko uveze ukuthi usalambele amanye amagoli.

“Ngumuzwa omnandi kakhulu (ukuthola igoli lami lokuqala ku-Afcon eqenjini lesizwe). Ngihlalele ethembeni lokuthi ngisazoshaya amanye amagoli ngiphinde nginqobe nemidlalo eminingi eqenjini lesizwe,” kubeka uMaseko.

IBafana ibhekene ukuqeda isikhwakhalala seminyaka engama-28 ihlulwa wukushaya iTunisia ku-Afcon.

IBafana yagcina ukuthela othulini iTunisia ku-Afcon ngowe-1996 ngesikhathi iphakamisa isicoco se-Afcon. Yaqumba phansi iTunisia ngo 2-0 wamagoli kaMark Williams.

Emidlalweni emithathu eyedlule iTunisia ayiyazi induku yeBafana. La mazwe agcine ukuhlangana ku-Afcon ngowezi-2008. IBafana yaguqa ngo 3-1 eTamale kwelaseGhana.

Nangowezi-2006 kwelaseGibhithe yakhala ngaphansi ngo 2-0 esigabeni samaqoqo kwathi ngowezi-2000 yacazelana amaphuzu kuba ngu 2-2 kweyamaqoqo.

See Also

“Ngumdlalo obhekwe ngamehlo abomvu (esizowudlala neTunisia). Sizofela enkundleni siphinde senze isiqiniseko sokuthi senze konke okusemandleni ukuphumelela. Sizimisele ngokukhombisa umhlaba wonke ukuthi siphetheni.” kuphetha uMaseko.

ITunisia ilengela engozini yokuphuma ekuseni okokuqala kusukela ngowezi-2013. Idinga amaphuzu amathathu ukuze idlulele esigabeni somkhumulajezi. 

Kowokuqala ihlulwe yiNamibia ngo 1-0 kwathi kowesibili yabambana neMali ngo 1-1. Ihlezi ekugcineni ngephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emibili.

Ngakolunye uhlangothini iBafana iyibambe endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili. IMali iyona eqhwakele ngamaphuzu amane.

Scroll To Top