Unyaka Wesinqumo: AboHlanga notwayi lwabo bazoba yinoni nakulolu khetho
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ububha, izifo, ukungabi namhlaba namisebenzi kusayibhatshi laboHlanga
Emuva kweminyaka engama-30 enkululeko kukhona izinto ezingaguqukile kuleli. Ubumqoka kwaboHlanga okhethweni akukaguquki njengoba amaqembu amaningi angenele ukhetho azobe ekhuluma nabo ngqo. Lokhu akwenziwa nje kuphela zibalo kepha notwayi (okuyizingqinamba) olubhekene naboHlanga. Ucwaningo lwakamuva lwabakwa Statistics SA ngonyaka wezi-2022 luveze ukuthi aboHlanga kuleli bangama -81.4 %, abelungu babe -7.3 % bese kuthi amaNdiya abe-2.7%.
Kumqoka ukuqaphela ukuthi labo ababizwa ngamaKhaladi bakhishiwe kwaboHlanga njengoba kuthiwa bona bayi-8.2%. Okunye okuvele kulolu cwaningo yikuthi namanje abesifazane basabaningi njengoba kuthiwa bangama-51.1%. Iningi lalaba besifazane ngaboHlanga. Kanti khona lapho Iningi labo liqhamuka ezindaweni zakobantu, e-Eastern Cape bese kulandela iLimpopo neKwaZulu-Natal.
Kwingxenye yesibili kanyangantathu wezi-2023 isibalo sabangasebenzi kwaboHlanga sabe singama-36.8%. Kubelungu lesi sibalo sincane njengoba singama-7.4%.
Okunye lapho aboHlanga phezu kwezinombolo zabo besilele kukho kusodabeni lomhlaba. Kusethulo esithi: “ Equitables access to land for social justice in South Africa : a new approach to success in land reform,” uDkt uFarai Mtero, ubabaza ukuthi phezu komthethosisekelo omuhle kanye nenqubomgomo eyeseka abahlwempu , ukwabiwa komhlaba eNingizimu Afrika kuseliphupho.
Ngisho kukhulunywa ngezindlu zangasese emakhaya nasezikoleni aboHlanga basasilele. Ucwaningo lwakamuva luthi izikole ezingaphezu kwezi-3 3000 zisanezindlu zangasese zomgodi.
Ububha budla lubi kwaboHlanga. Ngokombiko wezi 2017/2018 wabe South African Human Rights Commission (SAHRC), ama-64% aboHlanga ayephila ngaphansi bobubha, lesi sibalo silandelwa ngamakhaladi angama – 41% , amaNdiya angama- 6% kugcine abelungu abali-1%.
Ukhetho oluzayo
Lonke lolu twayi oluzungeze aboHlanga njalo uma kunokhetho luyavezwa. Labo abasuke befuna ukuvotelwa basho konke okuhle nabathi uma nje bake bavotela bazoguqula izimo. Yikho kungemangaze ukuthola ukuthi zonke izikhongeli (manifesto) amaqembu azobe egijima kulolu sizi lwaboHlanga. Kukhona ngisho ukumangala kwabanye ongoti ekutheni phezu kwalokhu aboHlanga ngesikhathi sokhetho bavotela wona lamaqembu akade athembisa kungenzeki. Ngokwezibalo ze-IEC acela kuma-600 amaqembu azongenela ukhetho ezindaweni ezahlukene.