Uthi akazile ukuzobeka ixhokovane uzokwakha inxuluma kuChippa



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Cishe kubona bona bonke abaqeqeshi abakhona bancane abanesifiso sokuthi baqashwe yiChippa United.
Okwenza lokho ingoba uma uqashwe iChippa United kaSivuyile Chippa Mpengesi, ubuthongo awubulali nhlobo. Ungalala konke kuhambe ungumqeqeshi kuse ngakusasa sekukhulunywa ngawe emaphephandabeni isemsakazweni kuthiwe “usuxoshiwe” okanye umisiwe.
Ngibona nakule sizini okusele amasonto amabili ukuthi iqale, umlando uzoziphinda ukuthi iChippa iqashe abaqeqeshi abangaphezulu kwababili. Ngeledlule imemeze ukuthi iqasha uDaine Klate njengomqeqeshi wayo omusha emva kokuthi imise uKurt Lentjies.
UKlate ngabe siyambona ehlala? Mina ngithi cha. Lokho ngikusho ngoba umlando wokuqeqesha into angenayo, kuleli qembu kuhluleka omakadebona. Baxoshwa besahole kanye kuphela, uyinike uKlate uMpengesi akalisabi ihlazo.
Uma umukela umsebenzi kuChippa United, usuke ufana nomuntu okuthiwa ilwa nomuntu owazi kahle ukuthi uzokushaya kodwa ufune ukulwa naye.
UKlate ngimzwile ebuzwa ngokuqashawa kwakhe ethi yena ngeke asheshe akhonjiswe afika ngayo, futhi wathi yena uyalazi usiko lweChilli Boys (iChippa United). Ukukhuluma kwakhe ngeke kwamsiza ngithi mina umlenze wokuqala weligi uyophela sekukhulunywa olunye udaba ngoKlate.
Uma ngibheka kusukela ngowezi-2012 iChippa isiqashe abaqeqeshi izikhathi ezingama-33, abanye sebeqeqesha kabili njengoba bexoshwa baphinde bebuyiswe. Kunabanye abaxoshwe kungakapheli ngisho inyanga beqeqesha.
UManqoba Mgqithi wahlala izinsuku ezingama-42, uJulius Dube ezingama-20, umufi uRoger Sikhakhane ezingama-45 waphinde wahlala ezili-160 kwaba ezingama-92, uFarouk Abrahams ezingama-93, uWilfred Mugeyi ezingama-72, uMark Harrison ezili-172, u-Ian Palmer ezili-111, uValdislav Heric ezili-152, uKosta Papic ezingama-64, u-Enrst Midderndorp ezingama-84, uMich d’Avray ezingama-92, uVelile Dyaloyi ezingama-56, uDan Malesela ezama-505, uMbuyiselo Sambu ezili-18, wabuya uMalesela wahlala ezili-120, uTeboho Moloi ezili-170, uHeric wabuya wahlala ezili-119, uMalesela wakhuza ibuya wahlala ezingama-52, u-Eric Tinkler ezili-102, uJoel Masutha ezingama-39, uClinton Larsen ezama-248, uDuran Francis ezili-13, uNorman Mapenza ezili-154, uRulani Mokoena ezili-123, uLehlohonolo Seema ezili-173, uMalesela ezingama-99, uSiyabulela Gwambi ezili-16, uHeric ezingama-29, uSeema ezingama-42 uGavin Hunt ezingama-45 okokugcina bekuwuLentjies yena ohlale ezingama-45.
Uma ungumuntu owaziyo unobhutshuzwayo nomlando wawo ngokubuka laba baqeqeshi ngabe uKlate uzokwazi ukwenza okuhlukile. Mina ayi angiboni kanjalo, kodwa ngeke ngamhlulela uKlate ake iqale isizini simbone ukuthi usiphatheleni.
Ukuqeqesha kuDiski Challenge nakuDStv Premiership izinto ezimbili ezingafani, asike silinde.
Lokhu okwenziwa uMpengesi ngikubona kwehlisa isithunzi nje kodwa umuntu wenza akuthandayo lapha, ngoba vele imithetho ayiqinile. Ngokwami ngabe iqembu livumeleke ukuqasha abaqeqeshi ababili kuphela ngonyaka.