Now Reading
I-AA ikhathazekile ngezinsolo zokudayiswa kukadizili onobuthi
Dark Light

I-AA ikhathazekile ngezinsolo zokudayiswa kukadizili onobuthi

I-Automobile Association (AA) ikhathazekile ngeziteshi zokugcwalisa uphethiloli okuthiwa zidayisela abathengi uphethiloli ongcolile noma osuxutshwe nokunye. Lokhu kuza ngemuva kokuthi uhulumeni, ochungechungeni lwemibiko ethole udizili onobuthi eziteshini zokugcwalisa ezingama-70 kuleli.

Okhulumela i-AA uLayton Beard uthe mkhulu umthelela lokhu okunawo ezimotweni futhi abathengi bangakwazi ukukuthola ngokuhamba kwesikhathi. Uthe kungenzeka ukuthi amagaraji kaphethiloli awazi ukuthi uphethiloli abawuthola kubadayisi ungcolile.

UBeard uthe, “Indlela inkinga eyande ngayo, ngicabanga ukuthi asazi. Inkinga enkulu kubathengi ukuthi ayikho indlela yokuthi bazi ukuthi udizili abawuthengayo ungcolile noma cha, ngaphandle uma uthatha isampula lwawo  bese uwuhlola ngezindleko ezinkulu, ube nalowo mphumela.”

See Also

Unezele ngokuthi : “Kodwa kubathengi, umthengi ovamile uthembele futhi uthemba iziteshi zokugcwalisa uphethiloli ukuthi zimhlinzeka ngophethiloli ohlanzekile futhi lokho bakwenza bazi ukuthi bake bakwenza esikhathini esidlule futhi konke kuzolunga.”

Scroll To Top