Now Reading
Iyaqonga eyamaProteas ebheke kweyoMhlaba 
Dark Light

Iyaqonga eyamaProteas ebheke kweyoMhlaba 

AmaProteas alengela engozini yokuphuthwa yiNdebe yoMhlaba okokuqala selokhu abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. 

Elakuleli liqumbe phansi amaNgisi ngo 2-1 kuchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ebidlalelwa eNingizimu Afrika.

AmaProteas anqobe umdlalo wokuqala ngama-run angama-25 eMangaung Oval kwathi emdlalweni wesibili obusenkundleni efanayo aphumelela ngamawikhethi amahlanu.

Aqoqe amaphuzu angama-20 kule midlalo emibili. EzikaTemba Bavuma ziyilahle emdlalweni wokugcina obungoLwesithathu lapho ziguqe khona ngama-run angama-55 eDiamond Oval, eKimberly.

AmaProteas asalelwe yimidlalo yesibili kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba eseNdiya ngasekupheleni konyaka.

Amaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kulogi azoziqinisekisela indawo eNdebeni yoMhlaba bese kuthi amanye adlale enye imidlalo yokuhlunga lapho kuzohamba amaqembu amabili aqede phezulu emaqoqweni amabili.

AmaProteas asezodudulana neHolland emidlalweni emibili yosuku olulodwa ngoNdasa nangoMbasa.

Njengamanje elakuleli lidinga ufefe eqenjini lesizwe laseNew Zealand ezobhekana neSri Lanka.

Ama-Black Caps azobe edlalela ekhaya. Uma eyinqoba yonke imidlalo yayo ezodlalwa ngenyanga ezayo kuzosho ukuthi amaProteas asedinga ukunqoba umdlalo owodwa uma esegadulisana neHolland.

Uma iSri Lanka inqoba yonke le midlalo kuyosho ukushabalala kwethemba lama Proteas lokuqinisekisa indawo kweyoMhlaba.

See Also

Lokho kuzokwehlisela ezikaBavuma kolunye utaku lwemidlalo yokuhlunga. AmaProteas ahlezi endaweni yesishiyagalolunye kulogi ngamaphuzu angama-79 ngemuva kwemidlalo eli-19.

Asele ngamaphuzu ali-11 kuWest Indies esendaweni yesishiyagalombili. Amaqembu asevele azibekisele indawo kweyoMhlaba kukhona iNdiya engosokhaya, New Zealand, England, Australia, Pakistan, Afghanistan, neBangladesh.

INingizimu Afrika, Sri Lanka neWest Indies yibona ababanga indawo yesishiyagalombili. Okwamanje akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.

AmaProteas asalwela ukunqoba iNdebe yawo yokuqala yoMhlaba selokhu abuyiselwa emidlalweni yamazwe. Sekuphele iminyaka angama-31 azabalazela eyoMhlaba ngaphandle kwempumelelo.

Aseke afinyelela kweyandulela amanqamu ngowe-1992, 1999, 2006, nangowezi-2015. Nokho kulokhu izinto zigaya ngomunye umhlathi njengoba kukhulunywa eyokuthi ngabe elakuleli lizongena yini kweyoMhlaba kunokuthi bazoyinqoba na.

Scroll To Top