Now Reading
Owayedlalela iSundowns uyibona isekude ukuhlwithwa
Dark Light

Owayedlalela iSundowns uyibona isekude ukuhlwithwa

Akaboni kukhona iqembu elizoqeda ukucanasa kweMamelodi Sundowns uRoger Feutmba owazakhela ugazi kubalandeli bamaBrazilians ngokudlala ingcwenga yebhola eminyakeni eyedlule. UFeutmba odabuka eCameroon wasiza iSundowns yakhala yemuka nesicoco seligi amahlandla amathathu elandelana ngowe-1997/98, we-1998/99 nangowe-1999/00.

Isizukulwane samanje seSundowns sibukeka silandela ezinyathelweni zoFetumba kwazise sesihlabane ngesicoco seligi kwaze kwaba kane kulandelana. Kuyimanje iSundowns iyona eqhwakele esicongweni futhi ivule igebe lamaphuzu amane phezulu.

Exoxa nelaboHlanga, uFeutmba udalule izizathu ezizokwenza kubenzima emaqenjini adlala kuDStv Premiership ekutheni aqede ukucanasa kweqembu lakhe elidala.

“ISundowns isazoqhubeka izenzele ebholeni laseNingizimu Afrika. Iqala ukuhlula amanye amaqembu emakethe. Ngaso sonke isikhathi ihlale izihambela yodwa amakethe. Yingakho izoqhubeka nokukhonya. Phela ukuze ulwele izicoco kumele usayinise abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Ngesikhathi ngisadlala sasiziwina izicoco kodwa amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nawo ayengazibekile phansi. Ayebophele abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Yingakho sasinqoba izicoco zeligi bese nabo benqoba ezomkhumulajezi. Manje iSundowns isiyazenzela kuyo yonke imiqhudelwano,” kusho uFeutmba.

IChiefs sekuphele iminyaka eyisithupha ihlulwa wukunqoba izicoco. Phambili iChiefs ibiyaziwa njengaMakhosi ezicoco kodwa iSundowns yakuguqula konke lokho. Njengamanje sekukhala esayo isicathulo.

“Inkinga yeChiefs nePirates wukuthi abafuni ukukhipha imali bathenge abadlali beqophelo eliphezulu. IChiefs nePirates basayinisa abadlali abasuke sebephelelwa yizinkontileka. Ngakolunye uhlangothi iSundowns ayisabi ukukhipha imali uma kunomdlali emfunayo. Isikhathi esiningi uthole ukuthi isuke imbanga neChiefs nePirates kodwa aphelele kuSundowns. Impumelelo yeSundowns iqala lapho-ke,” kuchaza uFeutmba.

See Also

Ngowezi-2016, iSundowns ikhale yemuka nesicoco seCaf Champions League. “Okunye okusiza iSundowns wukuba yingxenye yeCaf Champions League. Yize besayinqobe kanye kodwa ukudlala kulo mqhudelwano minyaka yonke kuyikhulisile. Isifundo abasithole kuChampions League wukuthi kwesinye isikhathi awudingi ukudlala ibhola elihle ukuze uphumelele kodwa kumele uyintshontshe eminye imiphumela. Ngizokwenza umzekelo ngomdlalo abawudlale neTS Galaxy. Abazange badlale kahle ngesiwombe sokuqala kodwa bafika ngesesibili bashaya amagoli amabili. Leso yisipiliyoni abasithole ngokudlala kuChampions League. Lento yokunqoba isisegazini kubona,” kuqhuba uFeutmba.

Ekupheleni kwenyanga iSundowns izogadulisana neCape Town City kowamanqamu weMTN8. Inkundla okuzodlalelwa kuyona owamanqamu isazomenyezelwa emasontweni ezayo.
“Kule sizini iSundowns izophinde isinqobe kakhulu isicoco seligi ngoba iqine nxa zone. Kuze kube yimanje alikho iqembu elisashaye igoli libhekene neSundowns emidlalweni yeligi. Abakaze bashaywe. Ikwazi ukushintsha isikimu kodwa kungabonakali. Bonke abadlali ebafakayo bafike benze kahle. Uma amanye amaqembu athathwa njengamakhulu eqhubeka nokuhlulwa yiSundowns emakethe, leli qembu lizoqhubeka nokuzenzela ebholeni lakuleli. La maqembu kumele aqale alwe neSundowns emakethe kuqala. Kuyimanje athenga abadlali abebekuSundowns njengoKhama Billiat noKeagan Dolly. Kudala bekungajwayelekile ukubona into efanayo naleyo,” kuphetha uFeutmba.

Scroll To Top