Now Reading
Usebenzise umculo ukukhuza izimpi eMozambique uDjinjir
Dark Light

Usebenzise umculo ukukhuza izimpi eMozambique uDjinjir

Ubambe elikhulu iqhaza ekudaleni uzinzo eMozambique ngesikhathi esinzima sokubulawa kwabantu phakathi kweRenamo neFrelimo esebenzisa umculo ukunxusa abasempini ukuba babeke phansi izikhali.

Umculo kaDillon Djinjir owaziwa “njengeNkosi yeMarrabenta” wagcina ususabalala emazweni ase-Afrika eseningizimu ebhula umlilo e-Angola phakathi kwamavukelambuso i-Unita eyayiholwa uJonas Savimbi neMPLA. 

Lo mculi wazakhela igama ngokucula ngezilimi ezihlukene eqinisa kakhulu kwezesintu, wazalwa zi-14 kuNcwaba we-1927 esiFundeni iMarracuiene eMozambique okuyidolobha eliyibanga elingamakhilomitha angama-30 ukusuka eMaputo. Kuma-Albhamu angaphezu kwali 15 awakhipile endimeni yomculo, uDillon unezingoma ezingama-30 ezingazange ziqoshwe. Emculweni waseMozambique usethathwa njengesibani esikhanyisela abaculi abasakhulayo kuleli lizwe. 

Yize eseqala ukukhathala ngenxa yeminyaka yakhe, kepha lo mculi uthi usazimisele ngokuthi akhiqize omunye umculo futhi aqophe uma kuvla ithuba. Umculo waqala ukuwuthanda eseneminyaka eli-12 lapho azakhela khona isiginci sakhe ayechitha ngaso isizungu. Uthi isifiso sakhe ukuthi uma licima ilambu ngelinye ilanga abe eseyikhiphile ingoma aseyinike isihloko esithi, “O Rei da Marrabenta”, lapho ebonga khona odokotela nabahlengikazi ngokunakekla bonke abantu ababuthaka empileni eMozambique.

Ezinye zezingoma aseziqophile ezashisa izikhotha eminyakeni edlule ngezithi, “Maria Teresa”, “Angelina”, “Achiltanwana”, “Maria Rosa ”,“ Hilwe-WaSanti” anethi “Juro, palavra de honra, sinceramente, vou morrer assim”. 

See Also

Engomeni yakhe ethi Morrer Assim uzwakalalisa ubuhlungu bokuba yisakhamuzi saseMozambique. Usehambele amazwe amaningi eshiyelana isteji nabaculi bakhona. Emazweni asecule kuwo kubalwa iNingizimu Afrika, iPortugal, i-England, iNorway, iGermany ne-United Arab Emirates. UDillon uthi yize esehanjelwe iminyaka kodwa iphimbo nothando lwesiginci usakuzwa ngaphakathi. Uthi okumenza azibone esaqhubka nokucula uthando aluthola kumkakhe osekuneminyaka engama-60 babopha ifindo likasofa silahlane.

Ngonyaka we-2021 uNgqongqoshe wezamasiko eMozambique evakashele lomculi emzini wakhe njengophawu lokumhlonipha nokumazisa ukuthi uhulumeni akamkhohliwe.

Scroll To Top