Ukulingana ngobulili: Usebenzisa umzimba wakhe njengenhloko yemifanekiso yakhe


Okubonayo izithombe ezingenamibala ngaphandle komnyama nomhlophe. Kuzo kunobuso noma umzimba wowesifazane waboHlanga. Kwesinye umbona ezisonte ngentambo ebukeka engasiphula isihlahla somdoni ngenxa yokuqina nobukhulu bayo. Akahleki akathi nsi. Uzigcobe ngokuthile okumnyama nokumenza abe nesithunzi esesabekayo kepha esikwenza ungacwayizi nakanye! Amehlo uwavule abe ngamagqamuza, ugqolozele wena, nawe ubuka yena kodwa ingathi uzibona wena kuye. Yebo, zonke lezi zithombe zinowesifazane oyedwa, kepha asikho esifana nesinye nomuzwa ezikunika wona njengoba uzibuka ulokhu wehluka.
Lezi zithombe ziwumfanekiso kaZanele Muholi ongumthwebuli wezithombe, isishoshovu neciko elihlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle. Usebenzisa umzimba wakhe njengenhloko yomsebenzi wakhe, nokuyiwo athula, etshise, ahlokoloze, athuke aphinde atuse izihloko abaningi abakugwemayo ukuphumela obala ngazo.
Umfanekiso wowesifazane okulezi zithombe ufana nesimo somqondo – ukunyakaza kobuchopho ogebhezini. Uma ubuka lezi zithombe bese uqhathanisa noZanele Muholi oyiciko nomnikazi wazo, umehluko usobala. UZanele uyamamatheka, unomzimba omncanyana, izwi eliphakeme neligcwele uthando futhi ubukeka echachambile ebusweni. Lokhu kwenza uzibuze ukuthi uzilungiselela kanjani ukwenza lomsebenzi ngokomoya, umqondo nangomzimba, uzizwa kanjani emoyeni uma eseqedile futhi uyini umongo walemifanekiso.
UZanele ozalelwe lapha kwelikaMthaniya, eMlazi ngowezi-1972 abalandeli bakhe abaningi baze ngaye ngemva kokusabalala kwezithombe zomsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana. Umsebenzi wakhe ugxile kakhulu ezihlokweni zobulili, ukucwasana ngokwebala, izindaba zemiphakathi kanti uqale ingobo yomlando walomsebenzi ngeminyaka yowezi-2000 eqhakambisa abesifazane abamnyama abathandana nabanobulili obufanayo.
Ubuciko bokuthwebula eqhakambisa isithunzi sothwetshulwayo
UZanele ozichaza njengesishoshovu esicikoza ngemifanekiso uyaye aphawule ngalokhu athi: “Kuyimi uqobo, ngale kobulili noma isiqu zomzimba wami”. UMuholi ufunde eDavid Goldblatt eGoli nokuyiyona ndawo lapho eqale khona ukukhuluma ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abesifazane abathandana nabobulili obufanayo eNingizimu Afrika.
Uma elungiselela ukuthwebula umuntu into agxila kuyo kuba indlela lowo muntu azoma ngayo, ukwenza isiqinisekiso sokuthi umthwebula ngendlela ezomnikeza inhlonipho nesithunzi esimfanele. USue Williamson naye oyiciko, uchaza uZanele ngokuthi “usenza siqonde imizimba yethu ngentululwane yezindlela ezehlukene, kwenye inkathi eyenza siyamukele.”
Ethula eminye yemibukiso yakhe phesheya, kwabeFoundation Louis Vuiton waphawula ukuthi yini asuke ehlose ukuyizuza ngaso sonke isikhathi uma ethula umsebenzi wakhe. “Uma abantu bekhishwa inyumbazane bayaye bangakwazi ukuba mdibi munye nabanye emikhakheni eminingi evulelekile njengezemidlalo, ezemfundo nokuqoshwa komlando. Kuwumsebenzi wami njengeciko ukuveza lowomsebenzi bona abangakwazi ukukhuluma ngawo kulemikhakha evulelekile, ngisho ukuthi sikhona singabantu. Kwenye inkathi kumele ngiveze nokungabibikho kwethu kulezi zindawo ezinamandla.”
Uchungechunge lukaSomnyama Ngonyama
“Isithombe nesithombe engisithwebulayo sisuke sinokuthize okusimatanisa nepolitiki kumbe ukubuswa kwezwe. Isibongo sami sikufazela kangcono lokhu. Umsebenzi wami obizwa ngokuthi ‘Somnyama Ngonyama – Hail The Dark Lioness’ uwuchungechunge lwezithombe ezinombala omhlophe nomnyama engazithwebula kudala nakamuva lapho ngiqhakambisa, ngiveza izigameko ezehlakala ezindaweni ezahlukene engike ngaba kuzo. Kulezi zindawo kuba ilapho ngivuka, ngixoxa, ngixhumana noma ngihilizisana nemimoya esuke ivunguza kuyo.
Inhlosongqangi kaSomnyama Ngonyama ukuvala umkhokha wokucwasana ngokobuhlanga ezindaweni ezahlukene lapho abantu beba khona. Omunye wemifanekiso ngiwubiza ngokuthi iZaBo okuyigama lami nesihlahla iBonsai omsuka waso useJaphani kepha ngenxa yokusiphulwa sisatshaliswe sesitholakala ezindaweni ezahlukene nokwenza umfanekiso ukhulume nabantu abehlukene, kungakhathaleki amazinga empilo, ubuzwe noma ibala kepha abazithola bengaphaphansi kwalabo abanamandla ‘okusiphula, bajivaze kumbe baqede ubuzwe, izwi nomlando’ walabo abangenawo amandla,” kusho uZanele.
Kulolu chungechunge uMuholi ubuye akhulume ngabantu abatholakala ezindaweni ezidumile kepha okungakhulunywa lutho ngabo njengabamnyama baseJaphani (Afro-Japannese), ulimi abaxhumana ngalo, izigceme abavame ukuhlanganyela kuzo nabakwenzayo ukuziphilisa.
Inkululeko yobulili obehlukile
Engxoxweni ekhethekile ake waba nayo ohlelweni luka-Anele Mdoda iReal Talk waphawula kakhulu ngokuthi abantu abayi nganxanye bengemanzi uma kuziwa emsebenzini wakhe ngoba ungabesifazane abathandana nabobulili obufanayo. Abanye abawuzwa kahle ngoba bethi ukhongela abantwana babo kwabobulili obufanayo, wenza abantwana babe nemibuzo eqosheme abazali abahlulekayo ukuyiphendula ngoba ingahambelani nemfundiso yabo kumbe inkolelo abanayo.
Kuyinto angayifihli uMuholi ukuthi ungowesifazane othanda abobulili obufana nobakhe futhi uyalisebenzisa izwi lakhe ukubamela. Uma abantu bekhombisa ukungawenameli umsebenzi wakhe uthi lokho kuye kusho impumelelo yokukwazi ukubeka uvo lwakhe, azwakale nabantu baphawule ngalo. Uma eqhuba uZanele uthi ngomsebenzi wakhe ukwazi ukusonga kafuphi ngoMthethosisekelo, acacise lokho abantu abangakunakile kumbe abakubukela kude kodwa okulimaza ingcosana engenalo izwi eliqinile ngaphansi koMthethosisekelo wezwe.
“KuMthethosisekelo wezwe wonke umuntu unikeziwe ilungelo lokuba umuntu ngokuphelele, abeke imibono yakhe futhi abe yilokhu ayikho ngaphandle kokwehlulelwa ngabanye abantu. Kepha abanye abantu abakuqondi lokho; akusiwo-ke nokho umsebenzi wethu ukubenza baqonde uma bengazimisele kodwa esikwenzayo ukuveza elethu izwi. Ngaphambilini bebengekho abesifazane abaningi endimeni yezokuxhumana, izindaba ezimayelana nabo bezinqunywa ngamadoda kodwa kuthe uma banda bakwazi ukuba nezwi elizwakalayo nabo bahlonipheka nokuyinto efanayo nalabo bobulili obufanayo. Umsebenzi wami-ke ngobuciko nekhono enginalo ukusabalalisa izethulo ngemifanekiso ezoveva ubuhlungu, ukujivazwa, ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabobulili obufanayo nokubaluleka kokulalelwa kwezwi lethu. Kwenye inkathi ngiyaye ngituse,ngibonge.”
Kule ngosi sibungaza Ifagugu laboHlanga sibheka izolo, inamuhla nekusasa. Uma amaciko eqopha umlando esebenzisa ubuciko bokuloba, ukukhuluma, ukudweba, ukulingisa nokunye asuke engenzi ngokuphelele uma ezoshiya omunye umlando ngaphandle ngoba nakhu ungehli kahle kwabathize. Lokhu kufana nokuqoshwa nokugcinwa kobufakazi okungenzeka budeleleke ngesethu isikhathi kepha ube ngobalulekile esikhathini esizayo.