Now Reading
Bazosizwa ngendaba isizungu abalandeli bakanobhutshuzwayo kwelendlovukazi
Dark Light

Bazosizwa ngendaba isizungu abalandeli bakanobhutshuzwayo kwelendlovukazi

Abantu baseThekwini namaphethelo abazifelayo ngonobhutshuzwayo bazosizwa ngendaba isizungu, kwazise kunemidlalo emine yeDStv Diski Challenge (DDC). 

Le midlalo izobanjelwa eSugar Ray Xulu, Stadium eClermont. Ngeledlule indumezulelu yemidlalo ibibanjelwe eTsakane Stadium, eGoli lapho okube nenqwaba yamagoli ashayiwe. 

Igcina ukuba khona idili lemidlalo ye-DDC eThekwini yabe isePrincess Magogo Stadium. 

Kule midlalo ezoba mine nezoqala ngoMgqibelo, umdlalo ozovula ophakathi kwePolokwane City naMaZulu ngehora lo-1 emini.

La maqembu womabili ayawadinga amaphuzu aphelele kwazise womabili asezansi kulogi, AmaZulu FC azobe edlala ekhaya asendaweyi ye-15 ngamaphuzu ayi-7 kuthi iPolokwane City ibe nephuzu elilodwa iyibambe emsileni. 

Ntambama kuzobe sekulandela umdlalo weLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates ngehora lesithathu ntambama.

AbeStellenbosch neMamelodi Sundowns bazobe bemincele ukuthi i-Arrows ibambe iPirates ukuze izokwehla phezulu. IPirates inamaphuzu angama-29 emdlaweni eli-13, ihambela phezulu kwazise ngeledlule ibhaxabule iSundowns ngamagoli amane kwelilodwa. 

I-Arrows yona ihlezi endaweni ye-10 ngamaphuzu ali-18 nayo isidlale imidlalo eli-13. 

NgeSonto kuzobe sekuqala iRoyal AM neCape Town City ngelokuqala emini. Nalo mdlalo kulindeleke ukuthi ubemnandi njengoba la maqembu eshiyana ngamaphuzu amabili.

See Also

IRoyal AM inamaphuzu ali-18 endaweni yesi-8, kuthi iCape Town City ibe sendaweni yesi-6 ngamaphuzu angama-20. 

Umdlalo ozovala impelasonto ophakathi kweKaizer Chiefs ne-TS Galaxy ngelesithathu ntambama.

IChiefs ethakaselwa kakhulu abalandeli ngenxa yabadlali abanebhola lo mjiko kulogi ihlezi kunombolo-5, kuthi iTS Galaxy isendaweni yesi-9. 

Amathikithi okubuka imlalo azotholakala mahhala enkundleni ngoLwesihlanu kusukela ngo-1 kuya ku-5 ntambama.

Scroll To Top