Now Reading
Akaboni izwe lakhe linqoba owaseNigeria
Dark Light

Akaboni izwe lakhe linqoba owaseNigeria

Akayiniki lutho iNigeria unozinti weMoroka Swallows, uDaniel Akpeyi, njengoba izobhekana ne-Ivory Coast namuhla ngehora lesi-7 ebusuku e-Olympic Stadium of Ebimpe emdlalweni obhekwe ngamehlo abomvu ku-Africa Cup of Nations (AFCON).

U-Akpeyi uvimbele iqembu lesizwe lama-Super Eagles iminyaka emiqhudelwaneni emikhulu.

I-Ivory Coast iyona engosokhaya be-Afcon. Iqale ngenothi eliphezulu inqoba umdlalo wokuqala ngo 2-0. Ishaye iGuinea Bissau. 

Ngakolunye uhlangothi iNigeria ibanjwe yi-Equatorial Guinea ngo 1-1 emdlalweni wokuqala okungumphumela oshiye abaningi bemangele.

U-Akpeyi uzakhele igama eqenjini lesizwe laseNigeria afinyelele nalo kowandulela amanqamu ngowezi-2019 kwelaseGibhithe ukubeke kwacaca ukuthi ama-Super Eagles ngeke alibone elidlalayo kuma-Elephants osukwini lwakusasa.

“Ukubhekana nezwe elingosokhaya ngeke kubeyinto elula. Ngakho umdlalo ngizowunika osokhaya. Basekwa ngendlela eyisimanga. Lokho kucacile ngomdlalo wokuqala. INigeria sekunesikhathi ibhacaza. Ukushaya udaka kwayo sekuholele ekutheni igxekwe nxazonke. Noma kunjalo kodwa kusangenzeka noma yini. Osukwini kuzoya ngokuthi ngubani olambe kakhulu okwedlula omunye,” kucacisa u-Akepyi.

I-Ivory Coast igaqele isicoco sayo sesithathu se-Afcon emlandweni wayo kanti ama-Super Eagles abheke esesine.

See Also

“Njengoba ngishilo kungenzeka noma yini. Ngiyakhumbula ngowezi-2019, iBafana Bafana yamangaza izinkumbi iwashisa osokhaya iGibhithe ijezi phambi kwabalandeli bayo. Abadlali baseNigeria kuzomele baqine ngokomqondo ukubhekana nengcindezi yezinkumbi zabalandeli base-Ivory Coast. Uma udlala ebholeni elikhokhelayo futhi umele izwe lakho lezi ngezinye zezinselelo obhekana nazo okumele ukwazi ukumelana nazo,” kuchaza u-Akpeyi.

I-Ivory Coast selokhu yagcina ukuphakamisa isicoco se-Afcon ngowezi-2015 isabophele izihlabani ezifana noYaya Toure. 

“Ebholeni alisekho iqembu elincane neqembu elikhulu. Igebe selilincane kakhulu ngoba amazwe abethathwa njengamancane ayakhula. Ngicabanga ukuthi imiphumela yemidlalo yokuqala ikucacisile lokho. Akuqali ngale-Afcon kodwa sekunesikhathi kwenzeka,” kuphetha u-Akpeyi.

Scroll To Top