Udlulele phambili kwi-Australian Open uDjokovic
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kazi ngubani ozobamba uNovak Djokovic ku-Australian Open? Lona ngumbuzo obuzwa yibona bonke abathandi bebhola lomphebezo emhlabeni jikelele.
Njengamanje usedlale imidlalo engama-29 ilandelana engahlulwa futhi uyinqobe yonke le midlalo. Emzuliswaneni wokuqala uzigwazele ibhece ehlula uDimo Prizmic ngamasethi amathathu kweyodwa.
Emzuliswaneni wesibili uqhathwe no-Alexei Popyrin. Kusethi yokuqala uDjokovic unqobe ngo 6-3. UPopyrin ubuye ngamandla kusethi yesibili okufakazelwe wukunqoba kwakhe ngo 6-4. Isethi yesithathu ibishube ngendlela eyisimanga.
UDjokovic ubelokhu ebuya elandela ngemuva. Kuze kwalamula i-tie break ewenze uDjokovic ngelibanzi. Unqobe ngo 7-4 ku-tie breaker ngemuva kokuthi bebambane ngo 6-6.
Kweyokugcina uDjokovic ufike esevutha sengathi uthelwe ngezibonkolo. Ubengasabambeki. Uyinqobe ngo 6-3. Umdlalo udonse amahora amane nesigamu.
Izihlwele bezilokhu zimcindezele njalo kodwa watshengisa ukuthi kungani ekleliswe endaweni yokuqala emhlabeni kwezebhola lomphebezo.
Akazange avumele ingcindezi ukuthi imcindezele. Kunalokho uqhubekile wadlala ngendlela ahlale edlala ngayo yize enze inqwaba yamaphutha uma kumele asuse umdlalo.
Lesi sihlabani somdlali sesinqobe izicoco eyishumi ze-Australian Open. Singene enkundleni sixinwe ngumkhuhlane.
UDjokovic udlulele emzuliswaneni wesithathu kulandela ukunqoba ngo 6-3, 4-6, 7-6, 6-3.
Njengamanje nguyena ohamba phambili ngezicoco ezinkulu emhlabeni jikelele. Usenqobe ezingamashumi amabili nane.
Ubheke esamashumi amabili nanhlanu. Kazi ngubani ozomvimba?