Now Reading
Ingebhe ngekholera etholwe kwabaphuma eZimbabwe
Dark Light

Ingebhe ngekholera etholwe kwabaphuma eZimbabwe

Inkulu ingebhe yokuthi isifo sohudo ikholera singagcina sesibalele ezweni lonke uma singanqandwa ngokushesha. Imibiko ngokuqala kwekholera iqale ukuzwakala ngasekupheleni konyaka odlule emazweni angomakhelwane iZimbabwe neMozambique. ngesikhathi iningi labahlala kula mazwe liwela umngcle liphuma eNingizimu Afrika liyohlukanisa unyaka emazweni alo. Ngesonto eledlule eLimpopo kutholwe abantu ababili abebephuma eZimbabwe ukuthi banokholera. 

Ukutholwa kwabo kwenyuse uvalo ngokuthi kungenzeka ukuthi lesi sifo sesisabalele kakhulu ezweni. yize aboMnyango Wezempilo ezweni bekugcizella ukuthi bawuqinisile umkhankaso wokuhlolela lesi sifo kubantu abangena emngceleni iBeitbridge ohlukanisa elakuleli neZimbabwe, kodwa abangena ngokungemthetho basaqhubeka nokusebenzisa ezinye izintuba. 

Isikhulumi soMnyango Wezempilo UFoster Mohale uthe abatholwe nalesi sifo kuvele ukuthi bebephuma endaweni esihlasele kakhulu kuyo eZimbabwe futhi bebenakho ukusola ukuthi banaso. “Ngesikhathi behlolwa esibhedlela eLimpopo imiphumla iveze ukuthi banekholera base beyaxilongwa bahlukanisa nezinye iziguli. Sikhuluma nje aboMnyango Wezempilo bakanisile eBeitbridge ubusuku nemini ukwenza isiqiniseko sokuthi bonke abangenayo bayahlolwa ukugwema ukusabalala kwekholera ezweni. 

Muva nje kubikwe abanye abantu abatholwa nekholera eHammanskraal okuthiwa babebuya eMozambique,” kucacisa uMohale. Uqhube wathi basebenzisana kakhulu nophiko iBorder Management Authority oluqaphe ukungena nokuphuma kwabantu eBeitbridge  olusanda kwethulwa ngokuhlanganyela uMengameli uCyril Ramaphosa nozakwabo waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa. Unxuse abantu abaphuma kula maze ngokuthi yize sebehlulowe kodwa bazihluphe ngokuhambla izikhungo zezempilo ngokushesha uma bengazizwa kahle emzimbeni.

Ukudlanga kwekholera emazweni ase-Afrika eseningizimu sekunyakazise nenhlangano yomhlaba i-Unicef  esiphakamise ukuthi kuqiniswe kakhulu umkhankaso okuhlolelwa lesi sifo ikakhukukazi ezinganeni okuyizo okulula ukuba zisithile futhi zisisabalalise. Ngasekupheleni konyaka odlule abeli-13 amazwe  akulsi sifunda ayehlaselwe ilolu bhubhane. Ngokwemibiko lwaqala ukugadla eZambia  ngoMfumfu we-2023. Bayi-9 500 abantu okwatholwa ukuthi banekholera  kwadlula emhlabeni abangama-374 kuleliya lizwe.

Kuze kube yimanje eZimbabwe kwahlonzwa abantu abayi-18 000 ngokuthi banekholera kwashona abangama-71.”Ukubheduka kwekholera esifundeni kuyasikhathaza kakhulu ikakhulukazi empilweni yezingane. Okuseyinselelo enkulu ukuthi kusenezindawo eziningi lapho izingane zisaphila ngamanzi eziaphuza nezilwane okuyizinkomba zokuthi ikholera iskude ukuphla”. kusho uMqondisi Wesifunda ku-Unicef u-Etleva Kadilli. 

See Also

Izimpawu zekholera

Ngokujwayelekile uma usutheleleke ngalesi sifo akulula ukuthi ungasheshe ubone, kodwa ngokuhamba kwesikhathi siyaziveza. Okuvamisile kuba ukuhanjisa isisu, ukuhlanza nokubanjwa ngamajaqamba. Kokunye kuba ukoma okungapheli nokunkenketha kwekhanda. Ukukhathala emzimbeni kuvamisile yize usuzinike isikhathi esanele sokulala. Kulabo abakude nemitholampilo kukhuthazwa ukuthi uma bezwa lezi zimpawu baphuthume ngokuthi baphuze kakhulu amanzi okumele baqale ngokuwabilisa.

Scroll To Top