ElaboHlanga likubhekela ukudlala kwabadlali beBafana izolo
IBafana Bafana iphoxe isizwe izolo ebusuku iguqiswa yiMali ngo 2-0 emdlalweni wokuqala we-Africa Cup of Nations (Afcon) obuse-Amadou Gon Coulibaly Stadium, e-Ivory Coast.
Njengamanje isibhekene nomqansa wokuphendula amatafula emidlalweni emibili yokugcina ezoyidlala neNamibia neTunisia ukuze izibeke ethubeni lokudlulela esigabeni somkhumulajezi.
Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela indlela abadlali beBafana abadlali ngayo osukwini lwayizolo.
Ronwen Williams 5/10:
Ngaphambi kokuthi umdlalo uye ekhefini uvimbe ibhola elinzima. USiyanda Xulu wenze iphutha ezama ukuphasa ibhola ngekhanda. Livele lahamba kancane okuholele ekutheni umgadli weMali afike kuqala. Ubuhlakani bukaWilliams busebenzile ngoba ukwazi ukufunda ingozi waphuma emapalini. Amagoli amabili angene kuyena angeke umsole. Elokuqala uzamile elichitha kodwa izitobha zadla ubukhwebezane. Kwelesibili udayiswe nguXulu. Lo nozinti ubengukhiye uma iBafana izama ukuphaselana isuka emuva.
Siyanda Xulu: 2/10:
Usuku aluzange lumvume uGxabhashe. Wenze amaphutha amabili ngesiwombe sokuqala acishe aholela ekutheni iMali ithole amagoli alula. Nangesiwombe sesibili uqhubekile nokuba yikhonco elibuthaka emuva. Igoli lesibili bamdlule sengathi akekho.
Mothobi Mvala: 2/10
Bebedidekile benoXulu. Bashayisane ngamakhanda amahlandla amaningi. Bobabili bagcine bethola amakhadi aphuzi. UMvala uyena odale i-free kick eholele egolini lokuqala.
Aubrey Modiba: 4/10:
Ibhola life ngasohlangothini lwakhe egolini lokuqala. Akazange ashoshele phambili ngendlela obekulindeleke ngayo ngesiwombe sesibili. Kwesokuqala nguyena ogobe ibhola eliholele ekutheni iBafana ithole iphenathi egejwe nguPercy Tau. Ekuqaleni komdlalo ugobele uThemba Zwane elihle ibhola wadlala ngomsebenzi.
Khuliso Mudau: 3/10:
Akazange adlale ngokwezinga lakhe aziwa ngalo. UMudau udume ngokushoshela phambili bese egoba amabhola ayingozi. Igoli lokuqala lingene ngasohlangothini lwakhe.
Teboho Mokoena: 6/10:
Udlale kahle kakhulu. Ubesiphethe kamnandi isisu ngokubambisana noSiphelelo Sithole. Ngesiwombe sokuqala uke wazama ekude kwathi ngesiwombe sesibili washaya ipali.
Siphephelo Sithole: 7/10:
USithole ube ngomdlalo omuhle. Ubenza izinto ezilula kanti ekwazi nokuhlakaza iminyakazo yeMali. Ngesiwombe sokuqala ukhiphe ingcwenga yephasi eyinika uPercy Tau odlale ngomsebenzi.
Themba Zwane: 4/10:
Akazange afike ezingeni lakhe. Ngesiwombe sokuqala ubexhumana kamnandi noTau, Thapelo Maseko noMokoena. Uyeke elihle ithuba ngesokuqala Kanti ekhishwe kamnandi ngu-Aubrey Modiba. Ngesiwombe sesibili bekungathi akekho enkundleni yingakho eze akhishwa.
Percy Tau: 2/10:
Uma kukhulunywa ngomdlalo osibulele kushiwo uTau. Uyeke inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala. Ushwebe iphenathi waphinde wageja abanye oqekelele. IBafana bekumele iye ekhefini ihamba phambili noma yingamagoli amathathu.
Thapelo Maseko: 5/10:
Ubewuhlupho ngakwesokunxele phambili. Ubefike aqede ngezitobha kodwa amabhola akhe angafiki kubadlali bangakubo. UMaseko ubebuya azomaka uma engaliphethe ibhola.
Evidence Makgopa: 4/10:
Usitholele iphenathi ngesiwombe sokuqala ngemuva kokuthi eshaywe ngendololwane ebhokisini. Ngaphandle kwale phenathi akukho okunye okwenziwe nguMakgopa emdlalweni.
Zakhele Lepasa: 2/10:
Ungene endaweni kaMakgopa kodwa alukho ushintsha afike nalo enkundleni ngesiwombe sesibili.
Mihlali Mayambela: 4/10:
Uzamile ukuyihlanganisa kodwa kwasho khona ukuthi ingcindezi isingaphezu kweBafana ebisilandela emuva ngamagoli amabili.