Aphikisayo azongena ngenxeba kolweNSFAS
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amanye amaqembu ezepolitiki ePhalamende afuna kushintshwe lonke ibhodi eliphethe isikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). Lokhu kulandela izinsolo ezimbi eziqukethwe umsindo oqoshiwe wenhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse ezibhekiswe kusihlalo webhodi lesikhwama, u-Ernest Khosa kanye noNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande.
Kusolwa ukuthi bathole inkokhelo kwabahlinzeki bezinsizakalo ze-NSFAS ukuze bathole amathenda nokuvikelwa. Lokhu sekuholele ekutheni uKhosa ahlabe ikhefu izinsuku ezingama-30, kusalindwe umphumela wophenyo.
Kodwa-ke, ibhodi le-NSFAS lithi izicelo zosizo lwezimali kulo nyaka sezifinyelele kwi-900 000. Amanye amalungu ePhalamende akwamukela ukuthatha ikhefu kukaKhosa engaphoqwe muntu.
“Lokhu ngisho kungathiwa ukuhlaselwa okuqondiswe ngqo kuNgqongqoshe,kuncike emphumeleni wophenyo. Akekho okufanele asho ngesifuba esigcwele athi lokhu ukuhlasela okuqondiswe kungqongqosheUkuthi lokhu kuwukuzingelwa kwabathakathi kungqongqoshe kuncike emphumeleni wophenyo. Sizokhumbula ukuthi lesikhwama besiphenywa yi-SIU kusukela ngowezi-2022”kusho uGanief Hendricks, umholi we-Al Jama-ah.
Bakhona nabafuna uNgqongqoshe uNzimande axoshwe ngaloludaba, bathi uma uphenyo seluphothuliwe amabhantshi kumele agcwale umoya. “Sicela ungqongqoshe wethu wezemfundo ephakeme naye alandele leso senzo sikaSihlalo asithathele elinye igxathu enze okuhloniphekile asule esikhundleni. Kumele kuqashelwe ukuthi iNSFAS ibhekene nomsebenzi wokusingatha izibonelelo zabafundi ezingaphezu kwezigidigidi ezingama-R46. Abafundi baseNingizimu Afrika abathwele kanzima bafanelwe okungcono,” kusho uWayne Thring, we-ACDP.
Abanye bafuna kulungiswe kabusha uhlelo lalesikhwama. “Kuwumqondo omuhle kakhulu ukunikeza intsha ehlwempu nengabasebenzi ithuba lokufunda kodwa konke okuhleliwe mayelana nokuphatha kanye nokukhishwa kwezimali kwaba yinkinga kwasekuqaleni ngoba le nhlangano ibikhungethwe yizibalo eziphezulo zabadinga usizo. ” kusho u-Wynand Boshoff, i-FF Plus MP.
USihlalo weKomidi leMfundo ePhakeme, uNkk Nompendulo Mkhatshwa, wenqabile ukuphawula. Ungqongqoshe uNzimande uzichithile lezi zinsolo kanti ibhodi le-NSFAS lithi isinqumo sikaKhosa akumele sihunyushwe njengokuvuma kwakhe icala.