Kushiye imibuzo ukuhoxa kwe-RGS ekuthengeni u-Tongaat Hullet



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Inhlanganisela yezinkampani eholwa yi-RGS ebigaqele ukuthenga inkampani engaphansi kotakulo, iTongaat Hulett ithuse abaningi ngesikhathi ihoxa sekusele amahora ambalwa kuvotwe. Ukuhoxa kweRGS kushabalalise amathemba okuthi uBukhosi bakwaZulu ngesandla se-Ingonyama Holdings, buzoba yingxenye yabaphathi balenkampani kashukela enomlando.
I-Tonggat Hulett yafakwa ngaphansi kotakulo ngoMfumfu wezi-2022 emva kokuvela kokuthi abaqondisi baphambilini balenkampani babesenga ezimithiyo ngamabhuku ezimali nobunjalo benkampani. Basolwa ngokuthi ngokwenza njalo babakha isithombe sokuthi zonke izintio zihamba kahle ngenhloso yokukhuphula amasheya. Lokhu kuthiwa kwakunganyusi amasheya kuphela kepha bona siqu babehlomula amabhonasi.
Encwadini ebhalwe yi-RGS Ikhale ngokuthi akwenzi mqondo ophusile ukukhokha phambili imali eyizigidigidi ezi-2 kumabhange akweletwa yi-Tongaat Hulett kungakacaci ngobunini balenkampani. I RGS imile ekutheni ukukhokhwa kwalesi samba kumele kwenziwa uma nje kuqedwa ukwamukelwa kwesiphakamiso salabo abasuke befuna ukuthenga inkampani, hhayi ngaphambi kwalokho.
Izinsolo zokuchema
I RGS ibuye yaveza izinsolo ezinzima zokuthi abatakuli I-Metis bachema nenkampani i-Vision efolosa ngoMnu uMnu uRobert Gumede. Kobunye ‘bokufakazi’ obuvezwa yi iRGS ngokuchema kwabatakuli , wukuthi iVision yayinikwe umhla ziyisi-6 kuZibandlela nyakenye ukuthi iqhamuke nemali kepha yahluleka. Esikhundleni sokuthi abatakuli bakhiphele iVision ngaphandle, iRGS ithi banika lezizimbangi zayo elinye ithuba lokuvela nemali ngokuthi balibale ukubiza umhlangano wokuvotela isethulo. Bathi ukuba iVision yayikhishelwe ngaphandle, kwakuzosala iRGS yodwa enkundleni njengoba zimbili kuphela izimbangi ezibanga ukuthengwa kuka-Tongaat Hullet.
ElaboHlanga lithole ngemithombo ethembekile ukuthi emhlanganweni wokuvotela isethulo obubanjwe izolo zili-10 kuMasingana iVision nikwe kuze kube zili-11 kuMasingana ukuveza ubufakazi bezinto ezithile. Kulezizinto ekufanele iveze ubufakazi bazo kubalwa ukuthi banayo yini imali yokuthi iTongaat Hulett iqhubeke isebenze uma isisezandleni zabo.
Kepha ngomlomo kaNkz uHeidi Geldenhuys kuvotwe zili-11 kuMasingana lapho iningi lamukele isethulo seVision. Uphinde waziphika izinsolo zokuchema nathe bazobhekana nazo ngesikhathi esifanele.
ElaboHlanga lixoxe neSikhulu Samabhizinisi esesathatha umhlalaphansi uMnu uZakhele Gumede ngesinqumo se-RGS . UGumede uthe akubanga isenzo esiphusile ukuhoxa kweRGS. Uthe ngokwenza njalo bazemuke ilungelo lokuqhubeka nesikhalo sabo enkantolo.
“Bekufanele iRGS ingahoxi ukuze ekugcineni ikwazi ukuveza ubufakazi bokuthi uhlelo alubanga nobulungiswa”. Uphinde wathi “Loludaba lubaluleke kakhulu esifundazweni iKwaZulu Natal ngoba ukuwa kweTongaat Hulett kuthinta imboni nabantu ababalelwa kwizinkulungwane ezingama-25”. .