Now Reading
Ubuciko besithombe: Umlando ophakelwa ngeso
Dark Light

Ubuciko besithombe: Umlando ophakelwa ngeso

Ikusasa lethu njengabantu liyohleze lixhumene nemumva lethu, ngisho noma sesithuthuke kangakanani ngobuchwepheshe nangolwazi. Kunoma iyiphi inkolo, isizwe nobuzwe kunendlela yokuphila (nokuphilisana) eyasungulwa yilabo ababephila ngaphambilini.

Lezi zindlela zokuphila zihlanganisa ukuzingela ngezikhathi lapho kunesomiso noma ozamcolo, ukwakha imipheme ezindaweni ezivamise ukuba nezintabamlilo, ukukhuliswa kwabantwana, amakhambi okwelapha imikhuhlane nezifo ezinzima, inkolo koNgaphezulu, nezinye izinto eziningi.

Lolu lwazi beludluliselwa kubantwana kusetshenziswa amaculo, amahubo, imilolozelo, izinkondlo nezililo, ngisho nezinganekwane imbala. Yingakho kunomlando omningi ongawuthola uma ulandela izibongo zamaKhosi, njengoba iZinyosi zisaqhubeka nokuwuqopha umlando ngendlela yakudala.

Kuyiqiniso nokho ukuthi impucuzeko yabantu emhlabeni jikelele eqalwe imfundo ibe nomthelela omkhulu ekuthuthukeni kobuchwepheshe. Umlando odluliswa ngomlomo awubange usaba nesigqi esiqinile, kunalokho izifundiswa kongqondonkulu zikwenze kwaba ijoka lazo ukubheka ubuqiniso balomlando nokuthi ulwazi lwasendulo lusakulungele yini ukuba lusetshenziswe.

Ososayensi abacubungula umlando nefiziksi bangenelele kulokhu, bebona ukukhalipha kwezizukulwane zasendulo ekuqopheni umlando zisebenzisa imidwebo emadwaleni nemifanekiso yezithombe ezibaziwe, babe sebesungula isithwebuli. Umlando walokhu esikwazi manje ngokuthi ikhamera usuka endulo entuthukweni yamaGreki namaShayina.

Eyokuqala ngqa ikhamera yayaziwa ngokuthi yi-camera obscura, kanti ulwazi oluningi ngayo lwaqoshwa okokuqala emibhalweni yamaShayina ngeminyaka yama-400BC. Olunye ulwazi luphinde lutholakale nasemibhalweni ka-Aristotle ngeminyaka yama-300BC. Kuthe ngeminyaka ye-1000AD isifundiswa sase-Arabhu u-Ibn Al-Haytham wathungela emibhalweni ka-Aristotle ukuthuthukisa indlela i-camera obsura eyayisebenza ngayo, nehluke kakhulu kulawa esiwajwayene naziwa ngokuthi ama-digital camera.

See Also

Umbuzo omkhulu ngothi lingakanani iqhaza lobuchwepheshe bekhamera kusukela ezimpini zasemandulo, ukuqoshwa kwamafilimu, ukuqonda imvelo emagumbini amane omhlaba nokuthi lolulwazi lusithuthukise kanjani njengabantu, ikakhulu njengoba sesikwazi nokuhlonza izinkanyezi namanye amaplanethi, siphinde senze uhlolomzimba olwaziwa ngama-X Rays, ukucubungula amasosha omzimba nge-microscope nokwelapha izifo imbala kusebenziswa i-laser theraphy.

Izoqhubeka ngesonto elizayo.

Scroll To Top