Now Reading
Ukhetho emazweni ase-Afrika lukhungathwe yizinkinga
Dark Light

Ukhetho emazweni ase-Afrika lukhungathwe yizinkinga

“Ivoti liyigugu. Liyithuluzi elinamandla kakhulu elingenalo udlame esinalo emphakathini wentando yeningi futhi kufanele silisebenzise.” 

Lawa ngamazwi kaMnu uJohn Lewis owayeyisishabasheki samalungelo uma ekhuluma ngokubaluleka kokuvota.

Lo nyaka kube ngohluke kakhulu emhlabeni jikelele kodwa futhi kube ngohluke kakhulu kwamanye amazwe ase-Afrika ngenxa yokuthi amanye abenokhetho ngesikhathi lapho umhlaba nezwekazi kukhungethwe isiqhwaga esiwukhuvethe. Kepha isithombe esivelile ngalesi sikhathi sobumnyama esokuthi ukhetho luyohlezi ludlula nemiphefumulo ezwenikazi. Iqiniso lithi imibono iyehluka ngesikhathi sokhetho kepha umbuzo uthi kungani kubulawana ngoba abantu abonile kepha ukwehluka kwemibono nje?

E-Ivory Coast

Sekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amathathu leli lizwe lakhululeka ngaphansi kweFrance. I-Ivory Coast yaziwa ngokuzwana kwezinkolo zalo ezahlukile, ubuhlanga kanye nomnotho othuthukile. Leli lizwe elisentshonalanga nezwekazi belisetshenziswa njengesibonelo sokuzinza kepha konke lokhu kwaqala ukuguquka ngonyaka wezi-2002 lapho lahlukana khona phakathi. 

Uthuthuva lwakamuva ludalwe isenzo sikaMengameli u-Alassane Ouattara sokufuna ihlandla lesithathu kulesi sikhundla uma leli zwe seliya okhethweni, kepha inkinga ngalokhu ayekusho ukuthi umthethosisekelo waleli lizwe wawungakuvumi okuphoqe uHulumeni wakhona ukuthi uzame ukuwushintsha. Lokhu kudale uthuthuva kwabuyisa nethunzi elimnyama lokuthi njalo uma kunokhetho ezwenikazi kuphuma imiphefumulo. 

Isibonelo sale nkinga noma sefu elimnyama okulethwa wukhetho idolobha elincane kuleli lizwe IM’Batto, emasontweni amabili ngemuva kokhetho imigwaqo ibigcwele izinhlamvu zezibhamu, izitolo ezishisiwe kwaphinde kwabikwa ukufa kwabantu abayisithupha ngenxa yezimpi zobuhlanga. Lokhu kudalwa impikiswano ekhona, okokuqala ukuthi u-Outtara angenele ihlandla lesithathu futhi waphinde walunqoba ukhetho. 

Izinhlanga ezimbili ezibhekene ngenxa yokhetho ama-Agni, olweseka iqembu eliphikisayo kanye nabohlanga lwamaDioulla, olweseka uMengameli osesikhundleni.

EBurkina Faso

See Also

Kube nokhetho ezinye izindawo zokuvota kuleli lizwe sezivaliwe ngemuva kokuba kuvele izinsongo emadolobheni asenyakatho yezwe okusolwa ukuthi zenziwa iqembu lenkolo yamaSulumani elinobudlelwano neqembu i-Al-Qaeda kanye namanye amazwe aholwa ohulumeni benkolo yobuSulumani. Okube wusizi olukhulu ukuthi abantu abayizi-400 000, okungaphezulu kwamaphesenti amahlanu ezakhamuzi zezwe, abakwazanga ukubeka noma ukusebenzisa amandla abo ayilungelo naphinde abeyigugu ngenxa-nje yabathile abangavumelani nento ethize. Udlame lwaleli qembu lamaSulumane iJihadist luyinkinga enkulu kuleli zwe njengoba sekubikwe ukuthi seluholele ekubulaweni kwabantu abangaphezu kwezi-2000, okudale okukhulu ukungalawuleki kwezwe.

E-Ethiopia

UNdunankulu u-Abiy Ahmed wakhipha umyalelo wokuba amasosha ahlasele esifundeni iTigray esisenyakatho yezwe ngemuva kokuthi esole amabutho aseTigray ngokuhlasela amasosha ombuso akuso lesi sifunda esisenyakatho esisemngcele we-Eritrea neSudan.  Kukhona lokho kunyakaza kwemizwa kwavela ukuthi u-Abiy usola iqembu iTigray Peoples’ Liberation Front (TPLF) okuyilo elilawula lesi sifunda esinabantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu ngokuvukela umbuso kanye nobuphekula futhi uthi umkhankaso wakhe wezempi uzobuyisa ukuthula kanye nokuzinza. Kodwa esinye isithombe sale mpi esidonse abaholi abaningi ukuba baphakamise ukuthi kube nezingxoxo kuleli zwe, esokuthi kuxatshwana nje ingenxa yokhetho olwabakhona eTigray uNdunankulu ayethe alungabi khona ngenxa.

Okunganakuphikiswa ukuthi ukhetho luyohlezi lwehlukanisa imindeni kanye nemiphakathi kepha bekunethemba kulo nyaka ukuthi ngeke kube nadlame ngenxa yokhuvethe obekubonwa ukuthi luzophoqa izakhamuzi zezwekazi ukuthi zisondelana ziyeke noma zibeke eceleni izingxabano zegceke kuke kubhekwane nalesi sitha esingabonwayo kepha nakulokhu ukhetho luphinde lwaveza ukuthi luyisitha sokuthula nokuzinza ezwenikazi.

Scroll To Top