Now Reading
Uhlulekile ukuzifaka emabhukwini omlando wamankomane kuleli uNdongeni
Dark Light

Uhlulekile ukuzifaka emabhukwini omlando wamankomane kuleli uNdongeni

Ngempelasonto amehlo abethe nje kuXolisani Ndongeni ukuthi aphakamise ifulegi lakuleli ngokubuya nebhande leWBO International kwiJunior Welterweight. Lempi ibiseLas Vegas, e-USA ngempelasonto lapho kade exhimfana no-Arnold Barboza wakhona eMelika.

UNdongeni oqeqeshwa uMzamo “Chief” Njekanye akalibonanga elidlalayo njengoba efike wathelwa phansi mgomcacamezelo womlalisa phansi emzuliswaneni wesishiyagalombili. Njengoba ehluliwe ubeshawa okwesibili kulandelana kweyandulela eyangempelasonto edlule, ubeshaywe u-Ernesto Mercado wakhona futhi eMelika. Abemakhulu amathemba okuthi uNdongeni uma enqoba kule mpi uzolwela ibhande le WBO World.

Kuyimanje eNingizimu Afrika akekho noyedwa umshayisibhakela ophethe elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Lezi zicoco ezeWBC, WBA, IBF neWBO.

Kuleli lezi zicoco ziphathwe uMoruti “Babyface” Mthalane obeqhoqhobele ese-IBF Flyweight ngpambi kokuthatha umhlalaphansi noZolani “Last Born” Tete obeyingqwele yele-WBO Welterweight.

Empini yangempelasonto edlule uBarboza ukhonye impi iqala yaze yayophela. UNdongeni owake waphatha ibhande le-WBF Lightweight nele-ABU Junior Welterweight, ubonakale engakwazi ukumelana nemvula yezibhakela ebeziphuma esitheni sakhe.

UBarboza ubedle ngemihlokolozo enzima ekhipha nodalimede bezibhakela abebeqinile. Nakuba uNdongeni ebebukeka engapheli amandla kodwa ngasemizuliswaneni yokugcina bekucaca ukuthi uhlangane nezimbila zithutha.

See Also

Libona ikhona lakhe ukuthi uzofela eringini libe selithatha isinqumo sokuphonsa ithawula kwaba wukuphela kwempi. Bekuyimpi yokuqala uBarboza elwa ngaphansi kuka-Oscar De La Hoya ongumnikazi weGolden Gloves Promotions. Ngaphambi kwempi yangempelasonto edlule ubeshaye uJose Pedraz wasePuerto Rico.

Lo mshayisibhakela olwa ngesandla sokudla, akawazi umpetshisi selokhu angena esibhakeleni esikhokhelayo ngonyaka wezi-2013.

Usazinqobe zonke izimpi ezingama-29. UNdongeni unqobe ezingama-31, wahlulwa kwezine.

Scroll To Top