Akazisoli ngesinqumo sakhe esigcine sidlisa amaProteas ebhekene nelaseNdiya
Akazisoli ngesinqumo sakhe sokubhetha kuqala ukaputeni wamaProteas uDean Elgar osethatha umhlalaphansi eqenjini lesizwe.
U-Elgar uwine ithosi waqoka ukubhetha kuqala ngesikhathi elakuleli libhekene neNdiya emdlalweni we-Test yesibili ebiseNewlands Cricket Ground, eKapa.
INingizimu Afrika bayikhiphe yonke isashaye ama-run angama-55 ku-Innings yayo yokuqala okuyisibalo esincane sama-run esake yasithola emlandweni.
Ekugcine ezika-Elgar zigcine zidliwe ngamawikhethi ayisikhombisa ezinsukwini ezimbili.
Umdlalo we-Test usuke uhlelelwe ukuthi udlalwe izinsuku ezinhlanu.
“Inkundla ibikwesinye isimo esingachazeki. Uma uyibheka ngaphambi kokungena kuyona ibibukeka njengenkundla ezovuna ababhethi kodwa yashintsha uma sesiphakathi. Idide abaningi. Ayizange yenze lokhu obekulindelekile. Ngebhadi yithina esigile kakhulu. Sithole izifundo ezingqala. Ngokuzayo iqembu selizoqaphelisisa uma lidlala eNewlands. Uma ungabuza ukaputeni weNdiya uRohit Sharma ukuthi ubezokwenzani ukube uwine ithosi uzokutshela ukuthi naye ubezobhetha kuqala ngenxa yomlando walapha eNewlands. Inkundla iqala ibenzima kodwa ngokuhamba kwesikhathi bese iyavuma. Angizisoli ngesinqumo sami sokubhetha kuqala,” kucacisa u-Elgar.
Inkundla yenze okungajwayelekile. Ngosuku lokuqala abashwibi bathathe amawikhethi angamashumi amabili nantathu. Kuthe kusenjalo umdlalo waphothulwa ngosuku lwesibili.
La mazwe agcine ebambane ngo 1-1 kuchungechunge lwemidlalo emibili yama-Test.
“Bekuzoba kuhle ukunqoba ngo 2-0 kulolu chungechunge lwemidlalo. Ngicabanga ukuthi nobhiya ubuzokwehla kahle ukube sinqobile kulo mdlalo. Ngiyaziqhenya ngendlela iqembu elidlala ukuze umdlalo uphele ngo 1-1. Indlela esishwibe ngayo nesibhethe ingayo ikakhulukazi nge-Innings yesibili inika ithemba.” kubeka u-Elgar.