Now Reading
Inkukhu nempaka phakathi kukaMengameli noNdunankulu eTunisia
Dark Light

Inkukhu nempaka phakathi kukaMengameli noNdunankulu eTunisia

Iqembu elikhulu lezopolitiki eTunisia lihlanganise isixuku esikhulu sabasekeli balo enhlokodolobha ngoMgqibelo ukuveze amandla alo.

Lokhu kungaqhubeza ukungezwani phakathi kukaMengameli wezwe kanye noNdunankulu waleli lizwe obese kuqala kukhubaza uHulumeni. 

Embhikishweni omkhulu kunayo yonke kusukela kuvukelwa umbuso ngowezi-2011, amashumi ezinkulungwane zamalungu eqembu amashe adlula enkabeni yeTunis ecula ethi: “Abantu bafuna ukuvikela izikhungo” futhi “Abantu bafuna ubumbano lwesizwe”.

Iqembu i-Ennahda, liholwa nguSomlomo wasePhalamende uRached Ghannouchi, belilokhu lesekele uNdunankulu wezwe uHichem Mechichi embangweni anawo noMengameli uKais Saied mayelana nokuguqulwa kweKhabhinethi.

“Sitshela uSaied ukuthi asikakulungeli ukulahlekelwa inqubo yentando yeningi,” kusho omunye wababhikishi u-Ahmed Ben Ali.

Lo mbango usukhulise ngamandla ukuxabana kwezinyanga phakathi kwala madoda amathathu okuyinkinga yakamuva yezepolitiki yakuleli zwe ngemuva kokhetho lwangowezi-2019 olwakhiqiza iPhalamende elihlukene phakathi ngenkathi lubeka ozimele uSaied njengoMengameli wezwe.

Lokhu kuxabana kwalaba abathathu kwenzeka ngesikhathi esingesihle njengoba kunesimo sokukhathazeka kwezomnotho, imibhikisho enolaka, ukudumazeka okusabalele ngentando yeningi kanye nezimfuno eziphikisanayo zezinguquko ezivela kubabolekisi bangaphandle kanye nenyunyana yezisebenzi enamandla njengoba ukubuyiselwa kwale mali kusondela.

USaied waqoka uMechichi njengoNdunankulu ngemuva kokuwa kukaHulumeni waleli zwe ngemuva kwezinyanga ezinhlanu usehhovisi. Kepha ngemuva kwaleso sikhathi la madoda amabili aqala angabona ngasolinye.  

UMechichi wasuka lapho wesekwa ngamaqembu amabili amakhulu ePhalamende i-Ennahda waphinde wabopha isikhulu sabezindaba uNabil Karoui

Ngesonto eledlule uMechichi ushintshe ongqongqoshe abali-11 ezinguqukweni zePhalamende okwabona kukhishwa abaseki bakaSaied kwafakwa abaseki be-Ennahda kanye nabeHeart of Tunisia. Kepha uMengameli usenqabile ukufungisa abane balabo ngqongqoshe lapho athe kunokunqubuzana kwezintshisekelo. Ngaleso sikhathi, ngesikhathi semibhikisho ngenyanga edlule ngenxa yodlame lwamaphoyisa kanye nokungalingani kwabantu, ababhikishi baqinisa kakhulu ukudinwa kwabo okwakuqondiswe kuMechichi kanye ne-Ennahda.

See Also

I-Ennahda ithe umbhikisho wangoMgqibelo beweseka “intando yeningi” kepha ubonwe njengomzamo wokuhlanganisa ukwesekelwa kwabantu abazoba sohlangothini lukaSaied.

Kodwa lokhu kubeka isikhala sokuthi kuzoba nemibhikisho yokuncintisana phakathi kwababhikishi abamele lezi zinhlangothi zombili okungaholela odlameni.  

“Lona wumyalezo onamandla wokuthi abantu bafuna kuxoxiswane kuphinde kube nokuzwana nokubumbana kwesizwe,” kusho uFethi Ayadi, oyiSikhulu Esiphezulu se-Ennahda ekhuluma nabezindaba ngesikhathi abantu bendiziza amafulegi eqembu kanye nawezwe.  

Izibikezelo zesabelomali zaseTunisia zangowezi-2021 zibeka isidingo sokuboleka imali eyizigidigidi eziyisi-7.2  kanye nenye imali eyizigidigidi ezi-5 kubaboleki bangaphandle. 

Isilinganiso sesikweletu sezwe sehlile kakhulu selokhu kwaqala ubhubhane ukhuvethe. Kepha izimfuno zababolekisi bakwamanye amazwe, zokuncishiswa kokusetshenziswa kwemali esikhathini eside esizayo kuyaphikiswa inyunyana yezisebenzi futhi kungaholela ekwehliseni okungekuhle ezinhlelweni zombuso okungaqhubeka kukhubaze uHulumeni.

Scroll To Top