Imali ithi tata kuMpofana Heroes ezobanjelwa eMooi River ngempelasonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuzohlomula nabadlali kuMpofana Heroes Cup ezoqala kusasa eMooi River.
Lo mqhudelwano obalwa neminye eminingi eyahlukene edlalwa ngalesi sikhathi samaholidi kaZibandlela uhamba nesamba sezi-R50 000 eqenjini elidle ubhedu bese kuthi abalale endaweni yesibili bagoduke nezi-R20 000.
Abazophuma endaweni yesithathu bazohlabana ngezi-R10 000 bese kuthi abangene endaweni yesithathu bakhale bemuke nezi-R5 000.
Umhleli womqhudelwano uMsawenkosi Duma utshele elaboHlanga ukuthi bahlela ukuthi nabadlali bangasali ngaphandle.
“Amaqembu angeke nje agcine ngokugoduka nemali kodwa azophinde athole amajezi nezindodo. Lapha ngikhuluma ngabadle umhlanganiso. Abadlali nabo asizange sibashiye ngaphandle kulo nyaka. Sifuna ukunyusa izinga lo mqhudelwano. Yingakho sikhuthaza abadlali ngokubanika imali. Umdlali ovelele uzothola izi-R2 000, umqeqeshi ovelele naye azigodukele nezi-R2 000 kanjalo nonozinti ovelele bese kuthi umdlali oshaye amagoli amaningi simnike imali esisazoyidalula kodwa izobe ingaphezu kwezi-R2 000. Kuzoya nangokuthi ushaye amagoli amangaki,” kusho uDuma ngesikhathi kuqhathwa amaqembu.
Kulo nyaka lomqhudelwano uhehe amaqembu angamashumi amathathu nane. Imidlalo izodlalelwa eMooi River Primary School naseBruntville Stadium.
Amaqembu aqhathwe ngeviki eledlule ehholo lomphakathi eMooi River.
Imeya yaseMpofana uMaurine Ngubane uveze ukuthi baneme ngokudlondlobala kwalo mqhudelwano.
“Lo mqhudelwano ubaluleke kakhulu entsheni. Intsha isuke ibhiyoza ngazo zonke izindlela. Thina eyethu intsha isuke ibhiyoza enkundleni. Yingakho umqhudelwano ukhula iminyaka ngeminyaka. Ugcwala kwentsha ezinkundla ngosuku lwezemidlalo kunciphisa izinga lokunkunkwa kophuzo oludakayo,” kubeka uNgubane.
IYoung Elephants evikela isicoco izimisele ngokuphinde idle ubhedu kulo mqhudelwano. Lokhu kuvele ngesikhathi elaboHlanga lixoxa noMbuzeni Mkhize ocija leli qembu.
“Besiqala ukuba yingxenye yemidlalo ngonyaka odlule. Isasasa lomqhudelwano belilikhulu kakhulu. Sizimisele ngokuvikela isicoco sethu okuyinto engajwayelekile.” kuchaza uMkhize.