Ithe chithi saka imidlalo yeziteki zakhisimusi KwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngesikhathi wonke umuntu waseNingizimu Afrika wonkana ulungiselela uKhisimusi ozokuba ngoMsombuluko, kodwa ezindaweni eziningi zasesifundazweni iKwaZulu-Natal kuzobe kuguga utshani ngedili lemidlalo kanobhutshuzwayo ezindaweni ezehlukeni.
Imidlalo eminingi izoqala kusasa ngoMgqibelo, ize iphele emvakwayo uKhisimusi okuwusuku olukhulu kakhulu kwazise wonke lolu wusuku abantu basuke belichitha nemindeni yabo.
ElaboHlanga libheke imiqhudelwano okungabuzwa ukuthi izobe inesasasa, ngemali econsisayo, nanokuthi eminye yenziwe abadlali abadlala kuDStv Premiership.
Umqhudelwano ohamba phambili owaseNewcastle obizwa ngokuthi Osizweni Soccer Tournament, iqembu eliwunqobayo ligoduka nezinkulungwane ezingama-R300.
UMagasela Mzobe ongumhleli wawo ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Izinhlelo zonke zihamba kahle kuzoba njengenjwayelo ukuthi umqhudelwano ube impumelelo. Lesi isikhathi sokuthi abantu behlale nemindeni yabo, kodwa thina sithi abahlangane enkundleni bebange lesi isamba engikholwa ukuthi laba abasuke benqobile abazisoli emva kwemidlalo ngoba ilowo nalowo kulelo qembu uyakwazi ukufike abeke isinkwa ekhaya” kusho uMzobe.
Nonyaka lo mqhudelwano uqeda iminyaka engama-22 wasungulwa kwazise waqala ngowezi-2001. Uke wangadlala ngenxa yokhuvethe, waphinde wabuya ngegiya eliphezulu.
“Okusijabuliso lo mqhudelwano uphinde unyuse umnotho endaweni yakithi njengoba amaqembu amaningi esuke eqhamuma ezindaweni ezihlukene, ngalokho kuphoqeleka ukuthi kusetshenziswe izindawo zokulala. Omama abadayisayo bazuza kakhulu, uma usuphela bayeza kuthina bezosibonga. Amaphoyisa ahlezi esho ethi uma kuyilemidlalo ubugebengu abubikhona kwazise abantu basuke besenkundleni” kusho uMzobe.
Omunye okhulume nelaboHlanga uFrance Khomo yena ohlela iJoliviet Soccer Annual Tournament.
“Siqala lo mqhudelwano ngowezi-2012 sawuqala iqembu elinqobile ligoduka nezinkulungwane ezili-R10, namhlanje ligoduka nezinkulungwane ezi-R100. Lokho kucacisa ngokusobala ukuthi uyakhula kakhulu. Abantu bazoqhubeka nokubona ibhola elinenkosi phakathi” kunaba uKhomo.
Uphinde wabalula ukuthi kudlala abadlali abadlala kuMotsepe Foundation Championship nabaseke badlala esigabeni esiphezulu.
Uhlu lwemiqhudelwano ebhekiwe:
- Mgabhi Soccer Tournament, izoqala mhla zingama-24 isongwe mhla zingama-26 eMpamba Sport Ground. Iqembu elizonqoba lizogoduka nezinkulungwane ezi-R100.
- Velokuhle Soccer Tournament, eCarrington Height eMbilo kusukela mhla zingama-24 isongwe mhla zingama-30. Umpetha uzohamba nezinkulungwane ezingama-R50.
- Thembela Sikhakhane Soccer Tournament, ePrince Mangosuthu Stadium kusukela mhla zingama-24 kuya mhla zingama-27. Isiteki sakhona siyizinkulungwane ezingama-R20.