Now Reading
Asiye Masandawana!
Dark Light

Asiye Masandawana!

IMamelodi Sundowns ibhekene nomqansa wokuthi ibuye namaphuzu amathathu e-Egypt lapho izotholana phezulu nePyramids koweCaf Champions League. 

La maqembu akuqoqo A atholanile kumlenze wokuqala kumdlalo owabe ubanjelwe eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli nowaphela zibambene ngeqanda nhlangothi zombili. Kulokhu lo mdlalo uzobanjelwa eJune 30 Stadium, eCairo, e-Egypt uzoqala ngehora lesi-6 ntambama. 

Leli qoqo elineSundows, iPyramids, iTP Mazembe neNouadhibou lishube kakhulu, njengoba emva kwemidlalo emithathu wonke amaqembu anamaphuzu amane umehluko amagoli. 

Emidlalweni emithathu iSundowns ihlule iNouadhibou yaseMauritana ekhaya, yahlulwa iTP Mazembe eDemocratic Republic of Congo (DRC), yabe isidlala ngokulingana neNouadhibou. 

Ukunqoba kwayo namuhla kobe kuyisondeza ekutheni idlulele kuma-quarterfinal. 

“Sinemidlalo emibili ekuhambeni eCairo naseMauritania okuzoba imidlalo enzima kakhulu lena njengoba nesimo sezulu sakhona singesihle neze. Ngiyaqonda sisalelwe imidlalo emithathu eqoqweni, kodwa thina umdlalo siwuthatha ngawodwa. Sizimisele ukwenza kahle ukuze sithi sibuya sesizodlala owokugcina neTP Mazembe siyazi ukuthi kumele senzeni. KowePyramids silindele iqembu elihlukile kakhulu kunaleli elasibamba ekhaya” kusho uRhulani Mokwena ongumqeqeshi weSundowns. 

See Also

Lo mqeqeshi uthi uwubukile umdlalo wePryamids idlala ngokulingana neBaladiyat El Mahalla SC, koweligi nalapho ekhale ngokuthi leli qembu abazodla nalo namhla liyekele amathuba. 

“Yize bedlale ngokulingana kodwa bekumele banqobe. Kodwa okuqaphelekile ukuthi abadlali abane abajwayele ukubonakala enkundleni, ababonakalanga kulo mdlalo okusho ukuthi babekelwe lo mdlalo. Bona banabadlali abadlala kahle kakhulu, kodwa kuningi esikwenzile ukuhlaziya iqembu labo. Okunye kwakho ukuthi badlala ngendlela ehlukile ekhaya nasekuhambeni” kusho uMokwena. 

Uphinde wathi kuzomele baqaphele umdlali wakuleli uFagrie Lakay, ohlezi ematasa phambili.

Scroll To Top