Now Reading
Unyaka wezi-2023 kube unyaka womlando kunobhutshuzwayo wabesifazane kuleli 
Dark Light

Unyaka wezi-2023 kube unyaka womlando kunobhutshuzwayo wabesifazane kuleli 

Ngaphambi kokuthi usongwe unyaka wezi-2023, kudingeka ukuthi kushawelwe ihlombe izintokazi zakuleli zikanobhutshuzwayo.

Ngaphandle kokuthi abadlali bakuleli baqhubekile bayaqhubeka nokuzitholela izinkontileka emaqenjini aphesheya kwezilwandle, kodwa kuningi okuhle okwenzakalile okuhle. 

Okugqame kakhulu ukuqopha umlando kweBanyana Banyana, ingena kwiLast 16 kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba eyabe iseNew Zealand ngokubambisana ne-Australia phakathi kukaNtulikazi noNcwaba. 

Okusho ukuthi ngonyaka wezi-2019 okwabe kungunyaka wokuqala ingena kweYoMhlaba kweyabe iseFrance, yafunda lukhulu kwazise kuyona yabuya inganqobanga nowodwa umdlalo. 

IBanyana Banyana ayigcinanga lapho njengoba iphinde yazibekisela indawo kwiWomen’s African Cup of Nations (Wafcon) ka-2024 ezobanjelwa eMorocco.

Kuphinde kwaba iMamelodi Sundowns Ladies eqhubekile nokukhonya ivikela isicoco seHollywoodbets Super League. Leli qembu likaJerry Tshabalala aligcinanga lapho njengoba linqobe isicoco seCosafa kanjalo seCaf Women’s Champions League. Bese kungokwesibili lidla iChampions League selokhu yaba khona.

Okunye okuwubufakazi bokuthi nebala izintokazi zakuleli zanobhutshuzwayo zibe nonyaka omuhle, iningi labadlali okubalwa nomqeqeshi beliqokelwe kuma-Caf Awards. 

See Also

UDesiree Ellis uthole umkomelo womqeqeshi wonyaka kwabesifazane, abadlali abaningi baphinde baba seqenjini lonyaka okukhona u-Andile Dlamini ongunozinti, uBambanani Mbane, uLinda Motlhalo, uLebohang Ramalepe noRefiloe Jane. 

Ukwenza kahle kwabesifazane ekubeni bengakaxhaswa ngokwanele kunika ithemba lokuthi kuningi okuhle abangakwenza eminyakeni ezayo. 

Inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth Africa Football Association (Safa). 

Scroll To Top