Now Reading
Uhlezi ngesinqa esisodwa owe-Arrows  esiphenduke ukudla kwenduku
Dark Light

Uhlezi ngesinqa esisodwa owe-Arrows  esiphenduke ukudla kwenduku

Sezibaliwe izinsuku zikaMabhudi Khenyeza kuLamontville Golden Arrows esiphenduke ukudla kwenduku.

UKhenyeza uqale isizini ngenothi eliphezulu ezakhe zinqoba imidlalo ilandelana.

Nokho izinto zijikile emasontweni edlule. Njengamanje Abafana Bes’thende sebedliwe imidlalo eyisithupha ilandelana osekwenze iqembu laqala lashaya amakhala ngoKhenyeza.

“Usihlalo weqembu uMato Madlala akeneme neze ngemiphumela yakamuva yeqembu. Ukhathazekile ngokudliwa njalo kweqembu lakhe. Uma engaphinde adliwe uMabhudi ngeke abuye ngonyaka ozayo. Uma ebuya angabuya njengephini bese kulethwa umqeqeshi ozomlekelela,” kubeka umthombo.

Abafana Bes’thende bathelwe othulini AmaZulu ngo 3-0 emdlalweni weCarling Knockout Cup. Kuthe kusenjalo yaphinde yaguqiswa yiRoyal AM ngo 1-0. 

Induku iqhubekile yasho ngesikhathi iqembu liphinda liqunjwa phansi AmaZulu ngo 3-1 koweligi.

Lesi sibhaxu silandelwe esinye i-Arrows ithelwa othulini yiCape Town City, Chippa United ne-Orlando Pirates.

“Okwamanje iqembu belingakasithathi isinqumo esiqondile ngokuthi ngubani ozovala isikhala sikaMabhudi uma ehliswa esikhundleni sokuba ngumqeqeshi. 

See Also

I-Arrows izobhekana neTS Galaxy ngoMgqibelo ngo-3 ntambama emdlalweni weligi ozoba seMpumalanga Stadium bese isonga unyaka ngokuvakashela iMoroka Swallows eDobsonville Stadium.

“Imiphumela yale midlalo imibili elandelayo iyona ezocacisa ngekusasa likaKhenyeza njengomqeqeshi weqembu.” kuchaza umthombo.

I-Arrows ihlezi endaweni yesikhombisa ku-log ngamaphuzu angamashumi amabili emidlalweni eyishumi nane. Leli qembu alikho embangweni wezembe. Kunalokho libalwa namaqembu alwela ukuzibekisela indawo kuMTN8 edlalwa amaqembu ayisishiyagalombili aqede phezulu ku-log uma sekuphela isizini.

Scroll To Top