Izingane eziphebezayo zithole inqabakutholwa yethuba



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UJABULISE okwengane encane umqeqeshi ongumakadebona kwelomphebezo (tennis) ngesikhathi abadlali abasebancane abaphuma esikoleni sakhe bethole ingqayizivele yethuba lokuyofunda esikoleni somacaphuma kusale iDurban Prepatory High School (DPHS), eThekwini.
UMandla Emmanuel Ngema onenkulisa yetennis ebizwa nge-Emannuel Ngema Tennis School, eMayville, eThekwini uthi ukuzimisela kukaSimphiwe Ngwenya oneminyaka yobudala eli-10 noSiyabonga Jaca oneminyaka yobudala eli-11, ikona okubenze bahlabana ngomfundaze ozobakhokhela zonke izindleko zesikole baze baqede umatikuletsheni.
UMfo kaNtusi uthe ubonga uthishanhloko waseDPHS uMnu uBarry Willison, ngokulandela umsebenzi wakhe njengoba ezikhandla ngetennis engakangeni kahle kwaboHlanga.
“UMnu uWillison uphinde wangitshela izindaba ezimnandi zokuthi minyaka yonke uzothatha umdlali oyedwa owenza kahle kule nkulisa yethu ayofunda eDPHS,” kuchaza uNgema obezwakala ukuthi ujabule.
I-Emmanuel Ngema Tennis School inabadlali abangaphezulu kwe-150, iningi labo liqhamuka emalokishini.
“Kukho konke abakwenzayo bayazimisela. Lokhu ikhona okubabeke lapho bekhona namuhla. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabo, ngibabona bezohlonishwa umhlaba wonke eminyakeni ezayo,” kulandisa uNgema.
UNgema eqhubeka efakana umlomo nentatheli yelaboHlanga uthe uSimphiwe Ngwenya noSiyabonga Jaca yibona abangagcina belifezile iphupho lakhe leminyaka.
“Lezi zindaba zingenze ngabona ukuthi iphupho lami lizofezeka njengoba ngifisa ukuthi kuphume umpetha omnyama womhlaba kule nkulisa. Izinga abakulona lizonyuka kakhulu njengoba bezofunda esikoleni esibalwa nesihamba phambili kwezemidlalo kuleli,” kubeka uNgema.
UJaca ubefunda eCator Crest Primary School enza ibanga lesi-5, uNgwenya ubefunda eMayville Primary School enza ibanga lesi-4.
Ikhono labo alingatshazwa njengoba sebenqobe izindondo ezinkulu ezingeni abakulona.
UJaca nyakenye unqobe umqhudelwano weDunlop Mini Series U/10, kanti kulo nyaka ubeyingxenye yomqhudelwano obubanjwe ngeledlule wahlulwa kowamanqamu kowabangaphansi kweminyaka eli-12. Nyakenye ubekleliswe njengohamba phambili kwabanemyaka eli-10, kanti useke wanqoba neCoca Cola U/10.
UNgwenya yena ukleliswe endaweni yesibili kwabangaphansi kweminyaka eli-10, kanti kumqhudelwano iDunlop Mini Series uphume kowandulela owamanqamu.
Babe yingxenye yeqembu iTheku District elinqobe izindondo zegolide emqhudelwaneni omkhulu obizwa ngamaSouth African Local Government Association (SALGA) Games, ngoZibandlela, eRichards Bay.
Bekungokwesithathu iTheku linqoba izindondo zegolide kulo mqhudelwano waminyaka yonke.