Isihlava sokwebiwa kwemfuyo sihlalisa kabi abafuyi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Kusukela emandulo, imfuyo ayiwona nje umongo weqholo labohlanga kepha iphinde ibe ngumalamulela kwezomnotho. Ezikhathini zamanje imfuyo iyazifundisa izingane esikoleni, iyayikhipha imali yokuthenga imoto yokuhweba, iphinde yenze nokunye okuningi.
Ngokwezibalo zeStatistica.com, zangonyaka wezi-2021, iNingizimu Afrika ibinezinkomo eziyizigidi ezili-12, izimbuzi eziyizigidi eziyi-5, kanti izingulube ziyisigidi esi-1.3.
Kepha isihlava sokwebiwa kwemfuyo sihlalise abafuyi kanzima. Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, amaphesenti angama-70.7 ezehlakalo zokwebiwa kwemfuyo awabikwa. Ngokwe-University of South Africa, imali elahlekayo ngonyaka ngenxa yakwebiwa kwemfuyo ilinganiselwa kwisigigidi esisodwa ngonyaka. Izibalo zemfuyo eyebiwayo zikhomba ukuthi kwebiwa izinkomo ezili-182, izimvu ezingama-282 nezimbuzi ezili-138 nsukuzaphuma.
Amasela emfuyo aseqale nokuba yingozi njengoba enganqeni ukuhlinzela ezansi kwesibaya somfuyi. Lokho kungahle kukhombe ukuthi lamasela azimisele ngokulwa uma ebanjwa.
Ngesikhathi samaholide kaZibandlela ukwebiwa kwemfuyo kuyanyuka njengoba kunezinsolo zokuthi kunezindawo zokuzijabulisa ezibiwa ngamashisanyama ezithenga lenyama kakhulu ngalesisikhathi. Okunye okubangela ukwebeka kwemfuyo ukuthi abelusi basuke begodukile noma imindeni efuyile ivakashile, okunika amasela ithuba.
Kunabafuyi abavalelwa izibaya njengoba kuvele kwebiwe yonke imfuyo.
Inhlangano yabalimi i-African Farmers Association of South Africa ikhala esimantshiyane ngalesisihlava esihlasele. Ngomlomo ka Mnu Mbongeni Sikhakhane, kusukhela ngoLwezi nonyaka sekutholakale izinkomo eziningi ezebiwe ezinye zitholakhala emadlelweni zibulewe amasela ezinye zitholakhale ezimotweni zilayishiwe.
“Siyi-AFASA sibona sengathi akwenziwa okwanele ukubhekana nasesihlava, minyaka yonke sibhekana nesimo esisodwa kunokuthi kwehle kuyabhebhetheka ukwebiwa kwemfuyo ikakhulukhazi la e KZN”, kusho uSikhakhane. Uqhube wathi uma amasela ebanjiwe uhulumeni akenzi okwanele ukuthi bathole izigwebo ezibafanele, amasela abandakanyeka kulobugebengu kufanele bathole udlikajele.
“Into ebuhlungu ayavulwa amacala kodwa amasela emfuyo ayadedelwa ezinkantolo futhi lamacala awaphenyeki kalula Mina nje ngo 2021 ngalahlekhelwa izinkomo eziwu 11 kuze kubemanje lutho umkhondo wazo”, kukhalaza uSikhakhane.
Uveze isifiso sokuthi kube khona ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka zonke ezithinta ukuphepha, okuyiSAPS, izinkampani zokuphepha, izinhlangano zabalimi, amaCommunity Policing Forum, neSouth African National Defence Force. Lezizinhlaka ziyingxenye ye Rural Safety Strategy seSAPS okuyiqhingasu okuhloswe ngalo ukulwa nobulelesi ezindaweni zasemakhaya kubandakanya ukwebiwa kwemfuyo.
UMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya unohlelo lokuthuthukisa ingqalasizinda emakhaya, iCommunity Investment Programme. Loluhlelo kuhloswe ngalo ukwenza ngcono izinsiza kubafuyi kubandakana nezokuphepha.