Now Reading
Sekuyinsakavukela ukucoboshiswa kwezintatheli buthule
Dark Light

Sekuyinsakavukela ukucoboshiswa kwezintatheli buthule

Oshayasibhamu badubule babulale intatheli ngeSonto ebusuku eBamenda, enyakatho-ntshonalanga yeCameroon. Leli yidolobha elinezinxushunxushu, ngokusho kwenyunyana yezintatheli.

Sekuyisigameko sesithathu sokubulawa kowezindaba kuleliya lizwe kulo nyaka.

U-Anye Nde Nsoh, isikhulu sehhovisi lesifunda esisentshonalanga nenyakatho yephephandaba, ubesendaweni yokucima ukoma endaweni yase-Bamenda eNtarikon ngesikhathi abahlaseli abangaziwa bevulela ngenhlamvu bebhekise kuye, kusho uzakwabo uMelanie Ndefru, obeseduze nalapho kwenzeke khona isigameko.

Ngasekuqaleni konyaka, umsakazi kanye nentatheli babulawa ngokuhlaselwa ezigamekweni ezimbili ezahlukene enhloko-dolobha noma eduze nenhloko-dolobha iYaounde, okwenza iUnited Nations izwakalise ukukhathazeka ngendaba yabezindaba kulelizwe.

ICameroon Association of English-Speaking Journalists (CAMASEJ) ikuqinisekisile ukushona kukaNsoh yaphinde yacela ukuthi kwenziwe uphenyo.

“Lokhu kuhlasela kwakamuva kwentatheli kwenyusa isibalo. Udweshu oseludonse isikhathi eside ezindaweni ezisenyakatho-ntshonalanga naseningizimu-ntshonalanga selufake izintatheli engozini enkulu,” kusho uMengameli weCAMASEJ uJude Viban. Okhulumela iziphathimandla zesifunda uthe bebengazi ngokuhlaselwa. Akukaze kube nozivezayo asho ukuthi nguye odubulile.

See Also

Ukushona kukaNsoh kwenzeka phakathi kwengxabano phakathi kweziphathimandla zaseCameroon kanye namaqembu athile ahlukene ezifundeni ezikhuluma isiNgisi eziphenduke zaba nodlame ngowezi-2017. Izinkulungwane zabantu ziye zabulawa empini phakathi kwabafuna uzimele abahlomile namasosha kahulumeni, ngonya olwenziwe nhlangothi zombili.

Umqashi kaNsoh uthe ubesanda kuqeda ukubhala ushicilelo lwangoMsombuluko ephephandabeni lapho ebenodaba oluphuma ekhasini lokuqala nezinye ezimbili. “Kwathusa ukuzwa ngokushona kwakhe,” kusho uTarhyang Enowbikah Tabe, umshicileli weThe Advocate.

Scroll To Top