Bazojabula bodwa abadlali uma benganqoba – Sukazi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isikhulu seTS Galaxy uTim Sukazi uthi konke kulele kubona abadlali, ukuthi benqobe umdlalo wangoMgqibelo ukuze bezobajabulisa njengoba kuvunyelenwe.
ITS Galaxy okuyiqembu laseMpumalanga izotholana phezulu neStellenbosch FC kumdlalo wamanqamu eCarling Black Label Knockout. Lo mdlalo uzokuba seMoses Mabhida Stadium, uzoqala ngehora lesithathu ntambama.
Iqembu elizonqoba ngoMgqibelo lizozifaka emlandweni wokuba iqembu lokuqala elinqoba lo mqhudelwano, kwazise kungokokuqala udlalwa kule sizini.
“Ngeledlule ngoLwesibili sihlanganile nabadlali, lapho kade sibazisa khona ukuthi uma benqoba kunomhlomulo abazowuthola. Konke kulele kubona, ukuthi benze kahle mese bethola lokhu esavumelana ngakho. Umuntu uma enze kahle uyadinga ukujatshuliswa” kusho uSukazi engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.
Iqembu elizokuba ngompetha lizobuya nemali eyizigidi eziyisi-R6,85, kuthi elizophuma endaweni yesibili lithole umthoba nhliziyo wezigidi ezi-R2,85.
ITS Galaxy eneminyaka emine idlala esigabeni esiphezulu, okwesibili iyodlala umdlalo wamanqamu. Yakwenza lokho ngowezi-2019 koweNedbank Cup, lapho yephula izinhliziyo zabantu abantu ihlula iKaizer Chiefs ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uZakhele Lepasa khona eMoses Mabhida Stadium.
“Kuyajabulisa ukuthi iqembu elineminyaka emine lidlala ebholeni elikhokhelayo lizodlala umdlalo wamanqamu okwesibili, kunamaqembu amadala lokho asakuphupha. Kusitshela ukuthi lokhu esathi masiqala sisungula leli qembu sabe sikufisa kusahamba ngakho” kubeka uSukazi.
Ophinde wanxenxa abalandeni ukuthi abaphume ngobuningi babo bezokweseka iTS Galaxy, uma ungumlandeli waleli qembu ungaya eCoastland ePoint uzofike uthole ithikithi lokungena enkundleni.
Yize iTS Galaxy (The Rockets) ikowamanqamu kodwa kuligi izinto azihambi kahle njengoba ihlezi endaweni ye-14, emva kwemidlalo eli-13 inamaphuzu ali-15.
“Akungikhathazi ukuthi iqembu lisendaweni yesibili makusukwa ezansi. Angikungabazi ukutji kuyothi kuphela isizini iqembu lobe libalwa namaqembu ayi-8 aphezulu ayi nje ngencancamezela. Ayi ngoba singenzi kahle kodwa kuke kwaba khona lapho sidlalla imidlalo emine phakathi kwezinsuku eziyi-9 okuyinto engelula” kubeka uSukazi.
Ephawula ngokulimala kukaBernard Parker owalinyazwa uBongani “Ben” 10 Zungu weMamelodi Sundowns uthe: “UZungu ngiyakholelwa ukuthi wayengamvika uParker. Ngasala nombuzo wokuthi ngempela ngabe umdlali odlale kangaka eNingizimu Afrika, umdlalo wakhe wokugcina uphetha kabuhlungu kanjena. Ngiyafisa ukumbona okungenani emdlalweni emibili noma emithathu ngaphambi kokuvalwa iligi” kusonga uSukazi.

