Now Reading
Inkantolo isivimbe ukuqala kokusebenza kwebhodi elisha leBSA
Dark Light

Inkantolo isivimbe ukuqala kokusebenza kwebhodi elisha leBSA

IBhodi elisha leBoxing South Africa (BSA) selivinjwe yinkantolo ukuthi liqale ukusebenza.

Lokhu kulandela ukuthi inhlangano yabaqhathi bezimpi eNingizimu Afrika, iNational Professional Boxing Promoter’s Association (NPBPA) idlulisele isikhalo sayo enkantolo.

Le nhlangano ibikhala ngokuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo uZizi Kodwa akazange alandele imigundu efanele ngesikhathi ememezela ibhodi elisha leBSA.

Mhla zingamashumi amabili nesishiyagalombili kuLwezi uKodwa nehhovisi lakhe bamemezela  ibhodi elisha leBSA.

INPBPA yabhalela ihhovisi likangqongqoshe mhla zizine kuZibandlela ilazisa ukuthi uyaneme ngendlela ungqongqoshe asingathe ngalo lolu daba futhi idinga izimpendulo ngesinqumo sakhe.

Inqumele ungqongqoshe ugwayi katiki ukuthi aphendule lungakapheli usuku lamhla zinhlanu kuZibandlela. Ihhovisi likhethe ukusishaya indiva isicelo seNPBPA. 

Lokhu kuholele ekutheni lenhlangano idlulisele lolu daba enkantolo. Lungenile ngoMsombuluko. NgoLwesibili ebusuku abammeli bakangqongqoshe babhalele abammeli neNPBPA bebazisa ukuthi ungqongqoshe ufuna ukuhoxisa ukuqala kokusebenza kwebhodi elisha leBSA.

Ibhodi endala bekumele igcine ehhovisini ngoMsombuluko bese kuqala ibhodi entsha ngoLwesibili.

See Also

Inkantolo ivune iNPBPA ngokuthola kwelaboHlanga. Ungqongqoshe kuvele ukuthi ngempela ushiye isikhala ngokungaxhumani nenhlangano yabaqhathi. 

Njengamanje iNPBPA kulindeleke ukuthi ihlangane nehhovisi likangqongqoshe ukuthola isisombululo kulolu daba.

Okwamanje ihhovisi likangqongqoshe lilungiselela iholidi lokubungaza ukunqoba kwaMabhokobhoko iNdebe yoMhlaba kusasa eMbombela. Ngemuva kwalokho lizobe selibhekana nodaba lokudlula emhlabeni kukaZahara.

Scroll To Top