Now Reading
Ukunyuka kwentengo kashukela kuyingeniso elingcono kubalimi
Dark Light

Ukunyuka kwentengo kashukela kuyingeniso elingcono kubalimi

Intengo kashukela ekukhokhelwa ngayo abalimi bakamoba ilokhu inyukile njalo njengoba kule nyanga uMfumfu ifikelele ezi-R5 333.46 ngethani. Lokhu kusho ukuthi intengo kashukela inyuke ngama-R70.79 ngethani kunalapho ebekuqagulwa ukuthi ingase ibe khona. Lokhu kwenyuka kwentengo kwenziwa ukunyuka kwamanani kashukela anyuke ngamaphesenti ama-2.4%, kusukela mhla lulu-1 kuMandulo nonyaka. Okunye okube nomthelela omuhle kube ukwehla kwesiqaqulo sokukhiqizwa komoba, ukwehla kwerandi edoleni, lisuka ku-R14.72 liya ku-R15.05 kanye nokwehla kwesabelomali samaRebates.

Le ntengo kashukela ekukhokhelwa ngayo abalimi bakamoba ivale ngesizini edlule iyizi-R5 030.39 ngethani, yavula ngoMbasa iyizi-R5 119.45. Ngesizini yowezi-2019/20 yavala iiyizi-R4 220.58. kanti ngesizini yowezi-2018/19 yavala iyizi-R3571.41.

Ngokwezibalo ezishicilelwe yinhlangano yabalimi yaboHlanga, iSouth African Farmers Development Association, kusukwa kude nale ntengo kashukela:

Umlando wentengo
Yize uma kubhekwa lomlando ongenhla le ntengo ibonakala yehla kabili kuphela uma iqhathaniswa neminyaka eyedlule, ngesizini yowezi-2004/05 kanye nesizini yowezi-2018/19, iqiniso lithi kukhona amasizini lapho intengo yokuvala ibe ncane kunaleyo yaphakathi nesizini. Uma kwenzeka lokhu kugileka abalimi ngoba imishini yokugaya umoba iye iyifune le mali ekade iyikhokha ngentengo ephezulu. Isibonelo ukuthi ngesizini yowezi-2018/19 ngoMandulo imishini ibikhokhela abalimi ngentengo eyayiyizi-R4 019.94, kodwa intengo yokuvala isizini yaba yizi-R3 754.41. Lokho kusho ukuthi umlimi owavuna ngoNcwaba wakhokhelwa ngoMandulo kuleyo sizini wazithola ekupheleni kwesizini ekweleta umshini imali engama-R445.53 ngethani. Baningi abalimi abaqala isizini yezi-2019/20 bekweleta imishini egaya umoba okwakusho ukuthi umoba abawufaka emshinini kuleyosizini kwakufanele uqale ukhokhe isikweletu.

See Also

Miningi iminyakazo eyenziwa yizinhlangano ezimele abalimi kanye noHulumeni. ISouth African Farmers Development Association yaze yabamba imibhikisho nezinhlabaluhide ukukhononda ngentengo yezinto ezahlukene. Izizathu zezingqinamba embonini kashukela kungabalwa kuzo ushukela “ochithwayo” oqhamuka emazweni afana neBrazil. Labo abathenga ushukela phesheya bawudayise eNingizimu Afrika bayawulimaza umnotho ngoba ngokwezibalo zeSouth African Sugar Association, okuyinhlangano elawula izindaba zikashukela eNingizimu Afrika, amathani ayizinkulungwane ezingama-200 ashukela ovela ngaphandle alingana nomkhiqizo wesigayo esisodwa saseNingizimu Afrika kanye nendawo lesosigayo esiyisebenzayo.

Bakhona ke abakhala ngokuthi yize intengo yashukela inyuka, abalimi ngeke bahlomule ngoba vele kunezindleko eziningi ezinyukayo, njengamakhemikhali okubulala ukhula, amaholo, ugesi, amanzi, udizili, umanyolo nokunye.

Scroll To Top