Ufisa ukuba owesifazane wokuqala eKZN ukuphatha ibhande loMhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usebona kumfanele ukuthi angene eringini alwele elinye lamabhande ahlonishwayo emhlabeni uMapule Ngubane, ophethe ibhande le-SA Female Middleweight.
Ngeledlule le ntokazi yaseSmero, eMgungundlovu ikwazile ukuvikela leli bhande layo ngesikhathi kade itholene phezulu noRita Mrwebi waseMthatha, e-Eastern Cape.
Lezi zintokazi bezitholene phezulj ezimpini zeHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlula Dladla. Bezibanjelwe e-Olive Convention Centre (OCC), ekade igcwele phama.
UMapule bekungokwesibili ukuthi akwazi ukuvikela ibhande lakhe. Kuyimanje ukeliswe kunombolo-5 ezilinganisweni zamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke.
Lezi zicoco ese-World Boxing Council (WBC), World Boxing Association (WBA), International Boxing Federation (IBF) nese-World Boxing Organization (WBO).
“Iminyaka iya ngokungishiya, maduze ngizowagaxa emgibeni amagilavu. Isifiso sami ukuthi ngiyeke isibhakela sengike ngaliphatha elinye lala mabhande amakhulu emhlabeni. Ngingaba owesifazane wokuqala esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuphatha esinye salezi zicoco. Ngiyacela kophromotha ukuthi bangisize ukufeza leli phupho” kubeka uMapule.
Kuleli wuNoni Tenge kuphela kwabesifazane owake waphatha ibhande le-IBF Welterweight phakathi konyaka wezi-2011 nowezi-2012.
“Kungijabulise kakhulu ukuthi ngikwazile ukuvikela ibhande lami ngempumelelo okwesibili. Kube izimpi ezimnandi kakhulu umuntu ongazibonanga ngingasho ukuthi uphutheliwe” kubeka uMapule.
Impi ekade ibhekiwe kulezi zimpi eyabe iphakathi kaSiyabonga “Big Zulu” Nene ongumculi weHip Hop noPhumlani Njilo ongusomabhizinisi odumile waseMgungundlovu. Sekuyindaba exoxwayo ukuthi uNjilo unqobe ngamaphuzu. UBig Zulu noNjilo bathole olukhulu uxhaso njengoba bekuphume abaculi abafana noDJ Tira, Zakwe nabanye.