Now Reading
Kuzobe kubhekwe kakhulu unombolo 10 nhlangothi zombili eQatar
Dark Light

Kuzobe kubhekwe kakhulu unombolo 10 nhlangothi zombili eQatar

Eminyakeni edlule lilodwa ijezi ebelihlonishwa kunobhutshuzwayo okungunombolo-10 obungagqokwa inoma imuphi umdlali. ENingizimu Afrika u-Ephraim Matsilele Jomo Sono, wadweba umugqa ukuthi akekho umdlali oyogqoka lenombolo kwi-Orlando Pirates. Abanye abadlali abagqame ngalenombolo, u-Edson Arantes do Nascimento odume ngelikaPele, uRonaldinho Gaucho baseBrazil, uDiego Maradona wase-Argentina, uZinedine Zidane, uMichela Platini baseFrance, uRoberto Baggio wase-Italy noFerenc Puskas waseHungary.

Ngisho emalokishini bekwaziwa ukuthi unombolo-10 ugqokwa umdlali okuzobukwa yena enkundleni, uma engekho lowo mdlali ubekwe nawo ungasetshenziwa umuntu.  Le nombolo iyona ezobe ibhekiwe phakathi kwe-Argentina neFrance eStadium okuyinkundla emumatha izinkulungwane ezingama-88 966 zabantu.

Kubadlali abagqoka unombolo-10 kulamazwe uKylian Mbappe waseFrance noLionel Messi wase-Argentina.

Bayizethenjwa zamazwe abo, ingakho bezobe bebhekwe izigidi zabantu emhlabeni jikelele ukuthi benze kahle. Umbango omkhulu ophakathi kwabo ukuthi ilowo nalowo uzofuna ukushaya amagoli, ukuze ezoba namagoli amaningi kulo mqhudelwano wakulonyaka.

Yibona abahamba phambili ngamagoli amahlanu, emidlalweni eyisithupha abayidlalile. 

Okunye okuzobe kubangwa ilaba onombolo-10 ukuthi uMbappe uzofuna ukuzifaka emlandweni neqembu laseFrance ekutheni linqobe iNdebe YoMhlaba kulandelana okuyinto eyagcina ukwenzeka ngonyaka we-1962 kwenziwa iBrazil. 

Ngasohlangothini lukaMessi, ithuba lakhe lokugcina ukuthi anqobe iNdebe YoMhlaba,  njengoba eyidlala kokugcina. Abantu abaningi emhlabeni bafisa engathi kungaba uyena owunqobayo ukuze ezotshengisa ukuthi kungani ebizwa nge “Mbuzi”.

See Also

NgoLwesibili i-Argentina  ibibhekene neCroatia kowandulela owamanqamu, nakhona bekuyimpi yawo unombolo-10 phakathi kwakhe uMessi noLuka Modric leyompi inqotshwe uMessi. 

Izwe elizonqoba ngeSonto noma kungabe abawashayanga bobabili amagoli, lowo ozonqoba usemathubeni okuthola umkomelo womdlali oshaye amagoli amaningi yize belinganile aphinde athole nowomdlali obadlule bonke kulo mqhudelwano.

Emva komdlalo wangeSonto noma kuthiwa kwenzakalani, kubukeka unombolo-10 kusazothatha isikhathi ukuthi kube khona owugqokayo e-Argentina. UMessi  usekwenze konke ufuna anqobele izwe lakhe iNdebe YoMhlaba. I-Argentina yanqoba kabili ngonyaka we-1930 (1-0) nangowe-1978 (2-1), kwathi iFrance ngowezi-2018 yazibuyisa izinduku I qoba ngamane kwamabili.

Scroll To Top