Now Reading
UMehluleli uyiqhathe ngesinqe, injolozela ikuRamaphosa kolweSILO
Dark Light

UMehluleli uyiqhathe ngesinqe, injolozela ikuRamaphosa kolweSILO

Uma ebuyekeza isinqumo uzinika yena neqembu lakhe ithuba lokuphefumula kuze kwedlule ukhetho


Ngokwezibalo zakamuva abantu abangamaZulu (noZulu) yibo abaningi kuleli. Ulimi lwabo yilo oluhamba phambili. UBukhosi babo noma ngabe kuhlangabezana nezinkinga ezinjani buhlale bumile kusuka esikhathi seSILO sakwaDukuza. Kumaqembu akhona eNingizimu Afrika azo zonke iznhlanga akuyona imfihlo ukuthi ongahle athole ingxenye ethize kaZulu uma sekuvotwa uyobe uwele ngelibanzi. 

Umbuzo uthi uma ungumholi weqembu elibusayo, okumele nakanjani lunqobe ukhetho kakhulu kusifundazwe lapho uZulu umningi khona wenzanjani uma inkantolo inquma ngoZulu bese ingcabha iyikhomba kuwe – ikwenze lokhu ezinyangeni nje ezimbalwa kube nokhetho?

Isinqumo sakamuva sikaMehluleli uDavis ePitoli odabeni oluthinta ukwamukelwa kwesinqumo saloyo oyiNkosana kaZulu nguMengameli wezwe njengokulawula komthetho sibukeka sisondeza uRamaphosa kwingcindezi abengayidingi, yena neqembu lakhe i-African National Congress (ANC). Ngokwesinqumo sikaDavis uMengameli kenzangangakhona ekuphatheni udaba oluthinta ukwamukelwa kweSILO. Khona lapho isinqumo sinike uRamaphosa elinye ithuba lokuba kalubheke ngelibanzi udaba lolu elandela umthetho.

Akukho ukungabaza ekutheni lesi sinqumo sisho lukhulu kupolitiki yekhetho nakupolitiki jikelele.  KuRamaphosa njengomholi we-ANC kumfaka ingcindezi ngoba umkhankaso wakwaZulu-Natal nayilapho kulindeleke ukuba iqembu lakhe ligadulisane nezimbangi ezindala Inkatha Freedom Party (IFP).

Lesi simo lapho inkantolo inquba okuthile okumqoka sisondela ncamashi njengaleso esathathwa yinkantolo odabeni oluthinta ubuholi bamaNazareatha lapho kwaba nokuhumusha kwabathilke kuleli bandla ukuthi uhulumeni kaKhongolose kawumile noNyazi. Edudula impi eyibhekise kuhulumeni amaNazaretha agcwala iTheku entshengisa amandla.

See Also

Izinkulumo ezethulwa lapho zanikisa uhulumeni kaKhongolose zawunyundela okhethelweni oluzayo. Lokhu kwadala inhlekelelo ekuvotelweni kwe-ANC KwaZulu-Natal okhethweni lohulumeni bendawo.  Kusuka lapho ubuholi be- ANC buholwa nguRamaphosa kuzame konke ukulungisa lesi sithombe sokungahambisani noNyazi.

Nakulokhi kulindeleke ukuthi uRamaphosa neqembu elibusayo benze okufanayo okwukuthunga  isimo okungenani kuze kwedlule ukhetho. UMengameli kulindeleke ukuba azise inkantoolo  ezinsukwini ezili-14 ukuthi unesifiso sokwedlulisa udaba noma  isinqumo. Phezu kwalokho unethuba lokwenza lokhu umehluleli athi akakkwenze okuwukuqala phansi uphenyo nokungenzeka uRamaphosa aphume nesinqumo esifanayo.  

Scroll To Top