Now Reading
OwaseNigeria uqede ukucanasa kukaSala noMane emklomelweni yeCaf
Dark Light

OwaseNigeria uqede ukucanasa kukaSala noMane emklomelweni yeCaf

Uqede ukucanasa kwezinkunzi zabadlali ababili abazakhele igama kuLiverpool FC egijima ku-English Premier League (EPL), umgadli weqembu lesizwe laseNigeria neNapoli FC, uVictor Osimhen eqokwa njengomdlali ovelele e-Afrika emklomelweni yeCaf ebibanjelwe eMorocco izolo ebusuku.

Lo mgadli weNapoli ubevutha engabaselwe ngesizini edlule ku-Italian Seria A naku-Uefa Champions League.

Ubambe elikhulu iqhaza iNapoli iqeda ishobolo leminyaka engamashumi amathathu nantathu ihlulwa wukunqoba isicoco seligi kwelamaNtaliyane.

Uphinde wakleliswa endaweni yesishiyagalolunye emklomelweni womdlali ovelele emhlabeni jikelele.

Umklomelo womdlali ovelele e-Afrika kwabesilisa ubusuphenduke inkundla yabadlali ababili uMohammed Salah waseGibhithe noSadio Mane waseSenegal.

Lezi zihlabani ezimbili bese zibange lomklomelo iminyaka eyisikhombisa ilandelana.

Zaqala impi yazo ngowezi-2017 mhla kuphumelela uSalah. Uphinde wachonywa uphaphe legwalagwala ngowezi-2018 emklomelweni ofanayo. Kube sekuzititilizela uMane edla ibhedu ngowezi-2019 nangowezi-2022.

Umklomelo awuzange ubekhona ngowezi-2020 nango-2021 ngenxa yokuthi umhlaba ubuhlaselwe yisifo sokhuvethe.

Uze wabuya ngonyaka odlule. UMane osize iSenegal yanqoba isicoco se-Afcon waphinde wayifaka kweyeNdebe yoMhlaba uphume phambili.

Ngaphandle kukaMane noSalah kwakugcine ngoRiyaad Mahrez ngo-2016 ukuthi kube nomunye umdlali ngaphandle kwalezi zikwebhisi ezimbili ukuthi umklomelo womdlali ovelele uthathwe ngomunye umdlali.

U-Osimhen ugcine esiqesile isitokofela sikaSalah noMane ngemuva kweminyaka eyisikhombisa bezenzela.

Ubeqala ukuhlomula ngalo mklomelo. Uphinde waba ngumdlali wokuqala waseNigeria kusukela ngo-1999 ukukhala emuke nomklomelo womdlali ovelele.

Kwakugcine ngoNwanko Kanu ngowezi-1999 ukuthi kubenomdlali onqoba lo mklomelo. 

U-Osimhen uqede isikhwakhalala seminyaka engamashumi amabili nane abadlali abadabuka eNigeria bezabalazela ukunqoba lomklomelo.

Uhla oluphelele lwabanqobe imiklomelo yeCaf:

Umdlali ovelele (Kwabesilisa): Victor Osimhen (Nigeria, Napoli)

Umdlali ovelele (Kwabesimame): Asisat Oshoala (Nigeria, Barcelona)

Umdlali ovelele kwabadlali emaqenjini ase-Afrika (Kwabesilisa): 

Percy Tau (South Africa, Al Ahly)

Umdlali ovelele emaqenjini ase-Afrika (Kwabesimame): 

Fatima Tagnaout (Morocco, AS FAR)

Umqeqeshi ovelele (Kwabesilisa): Walid Regragui (Morocco)

Umqeqeshi ovelele (Kwabesimame): 

Desiree Ellis (South Africa)

See Also

Unozinti ovelele (Kwabesilisa): Yassine Bounou (Morocco, Al Hilal)

Unozinti ovelele (Kwabesimame): Chiamaka Nnadozie (Nigeria, Paris FC)

Umdlali omncane ovelele (Kwabesilisa): 

Lamine Camara (Senegal, Metz)

Umdlali ovelele (Kwabesimame): Nesryne El Chad (Morocco, Lille)

Iqembu lesizwe elivelele(Kwabesilisa): 

Morocco 

Iqembu lesizwe elivelele (Kwabesimame): 

Nigeria 

Iqembu elivelele (Kwabesilisa): Al Ahly (Egypt)

Iqembu elivelele (Kwabesimame): Mamelodi Sundowns (South Africa)

Scroll To Top