Uxolisile wagxibha uLesufi ku-AfriForum ngenkulumo ayenzayo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iqembu i-AfriForum likuqinisekisile ukuthi selilihoxisile icala lalo lokwehliswa isithunzi elibhekene noNgqongqoshe Wezemfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi. Leli cala limayelana nokushiwo nguLesufi esithangamini nabezindaba ngoLwezi ngowezi- 2019 sokuthi izingane zakhe ziyalandelwa futhi kunemizamo yokusocongwa.
AfriForum noLesufi
Isikhulu se-AfriForum, uKallie Kriel uthi i-AfriForum ngeke iqhubeke necala lokwehlisa isithunzi kulandela ukuhoxiswa kwezitatimende nguLesufi.
“Ukuthi uMnu uLesufi uzihoxisile izinsolo zakhe zokuthi i-AfriForum izamile ukumbulala nokulandela umndeni wakhe kanye nokuthi uyazisola ngokwenza lezi zitatimende kusho ukuthi lezi zitatimende zingamanga aluhlaza kusukela ekuqaleni. Manje unamathele ezimfunweni zethu. Ngakho-ke i-AfriForum ngeke iqhubeke necala lokwehlisa isithunzi. Iqiniso ukuthi abakhokhi bentela bekuzofanele bakhokhele izindleko zakhe zomthetho futhi besifuna ukuqinisekisa ukuthi ayisekho imali yabakhokhi bentela emoshwayo,” kusho uKriel.
Khonamanjalo, uLesufi uthi yena ne-AfriForum bavumelene ngokusebenzisana ukuzuza ukuthula.
“Bengikhuluma nesithangami sabezindaba ngathola umbuzo ngezintatheli mayelana nokuphepha kwami futhi ngiveze ukuthi impela kukhona abantu abangilandelayo nezingane zami futhi beqapha lapho ngihlala khona. Ngikhombisile ukuthi ngiwavulile amacala ahlukahlukene emaphoyiseni. I-AfriForum yafaka amanye amaphepha ithi isitatimende sami sikhomba ukuthi yibo abayizelelesi ngoba kuyinto eyaziwayo ukuthi yiwo esengike ngashayisana nayo. Ngakho-ke, ngesikhathi senqubo yokulamula, uma ufunda isitatimende esiphelele esihlangene, sizibophezela ukukhuluma nokusebenza ngokuthula. Kwavunyelwana ngesitatimende esihlanganyelwe esithi kumele sisebenzele ukuthula,” kusho uLesufi.
ULesufi, i-AfriForum ne-Orania
NgoNhlangulana wonyaka odlule, uLesufi wathi ngeke esatshiswe futhi athuliswe yi-AfriForum ngemuva kokuthi leli qembu lisabise ngokumthathela izinyathelo zomthetho. Ngaleso sikhathi, uLesufi wathi le nhlangano ibiphatheke kabi ngemibono yakhe ngedolobha elinamaBhunu kuphela, i-Orania, eNorthern Cape.
Le nhlangano elwela amalungelo abantu isiqinisekisile ukuthi izothatha izinyathelo zomthetho mayelana nezicelo zokuzama ukubulawa kukaLesufi.
Kodwa-ke, uLesufi uthe le nhlangano ibiphatheke kabi ngemibono yakhe ngedolobha elinamaBhunu kuphela, i-Orania, eNyakatho yeKapa. ULesufi uthe idolobha i-Orania akufanele livunyelwe ukuba khona eNingizimu Afrika entsha yenkululeko nentando yeningi.
ULesufi uphinde wathi umile embonweni wakhe ukuthi ngeke kwamukeleke ukuthi kunomphakathi ngaphakathi kwemingcele yezwe ongayilandeli imithetho yezwe.
Iqiniso lithi ukuba khona kwaleli dolobha eNingizimu Afrika kukhombisa isithombe sokuthi inkululeko, intando yeningi akuyona into izakhamuzi zaleli lizwe ezingathi ngokuzigqaja into ekhona ngoba kusakhona umlenze osasele ukuthi ungene egcekeni lenkululeko nentando yeningi.