Now Reading
Bafuna ukumhlonipha ngokunqoba iligi uSilangwe abeSinenkani FC
Dark Light

Bafuna ukumhlonipha ngokunqoba iligi uSilangwe abeSinenkani FC

Kusenzima ukukholwa kwabeSinenkani FC ukuthi isosha ebebehamba nalo kalisekho emhlabeni.

UNsizwa Silangwe oneminyaka yobudala engama-27 odabuka KwaNzimakwe, ePort Shepstone ubengomunye wezinsika zeSinenkani FC okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni i-Eastern Cape.

Udlule emhlabeni izolo ngeSonto ngemumva kokugula isikhashana.

Okuthuse kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaSilangwe odume kakhulu ngohlabelela njengoba ebizwa “Inkosi yeGwijo”, ukuthi khona izolo ubedlala iziteki eGlebelands Stadium.

Kuthe iqembu abelidlalela AmaMpondo FC liwashiswa ijezi iTwo For Joy, izihlwele zibe sezimcela ukuthi akacule nazo zithathe naye izithombe. Uvumile ukuthatha izithombe kodwa, wathi ngeke acule ngoba iBP yakhe iphezulu.

Uhambe kungekho okukhombisa ukuthi uxinekile, inkinga iqale esesendlini lapho akade bekhempe khona eLamontville.

Ngokusho kwabebenaye endlini, kuthiwa ubesethi uyalala ngesikhathi abanye bethi akabuye kuke kuxoxwe njengenjwayelo emaqenjini uma esekhempini.

Nokho kube sekubakhona ombonayo ukuthi indlela alele ngayo ayijabulisi, kwayilapho bethola ukuthi usexineke kakhulu, akusaphefumuleki.

Ube esephuthunyiswa esibhedlela iCity Hospital esisenkabeni yedolobha eThekwini, nokuyilapho okufike kwamenela khona uSilangwe.

ElaboHlanga likhulume nomkhulumeli weSinenkani FC uLixolile Phethela, ukuthi lezi zindaba zifike kanjani kubo.

“Mfowethu kunzima nokukhuluma, kube izindaba ezishaqisayo kuwona wonke umuntu lezi. UNsizwa ayikho into aseke wakhala ngayo ukuthi iyamxina, silahlekelwe kakhulu siyiqembu nakunobhutshuzwayo wonkana. Sisungula leli qembu ngowezi-2017 wabe ekhona eqenjini, wathi mayehamba amasizini amabili waphinde wabuya ngoba kusekhaya lapha kwiSinenkani FC” kusho uPhethela.

Emchaza umchaze njengomuntu obezimisela, ehlezi ehlekisa, onomusa, ehamba phambili ekuculeni.

“Sikhulumile nabadlali njengoba besemakhaya, ukubeluleka ngokomqondo ukuthi lezinto ezinjena ziyenzeka kumele baqine. Sizokhala, kudlule. Ukuzipholisa amanxeba ukuthi sinqobe iligi egameni lakhe uNsizwa” kusho uPhethela.

Amanye amaqembu adlale kuwona uSilangwe iHappy Wanderers, iBizana Pondo Chiefs, iSpears Of The Nation na-AmaMpondo FC.

See Also

Ngokusho kukaPhethela uthe ngoMasingana kunomunye umdlali weSinenkani FC owadlula emhlabeni igama lakhe okunguTheko Mathumbu. Yena wadlula emhlabeni ebuya entabeni.

Omunye okhulume nelaboHlanga uSenzo “Mbhobho” Ndlovu ongumgadli weSinenkani, kanti ubedlala kwi-Two For Joy izolo.

“Usuku lwami lwayizolo lumosheke kakhulu ngoba bengikabule emva kokuthi sinqobe umqhudelwano, ngaqokwa njengomdlali ovelele novalele phakathi amagoli amaningi. Ngithe mangizwa lezi zindaba ngivele ngaphuka umoya ngangazi ukuthi ngenzenjani. USilwange emva komdlalo uzile kumina emva kokuthi sibahlule sakhuluma naye, waya kubalandeli eyothatha nabo izithombe akukho obekukhombisa ukuthi akaphilile” kusho uNdlovu.

Uthe ubudlelwano babo bebubuhle kakhulu njengoba bebehlezi bendawonye.

UNathi Mqokinyana oke waba uMengameli weBizana Pondo Chiefs, naye ubhonge emsaneni.

“Silahlekelwe kakhulu kunobhutshuzwayo, kwiSinenkani FC nomndeni wonke kanobhutshuzwayo nowakhe imbala uSilangwe ngiyafisa beqine kulesi sikhathi. Ngiyafisa amaqembu ahlolele abadlali babo zonke izifo, buka nje uSphamandla Mtolo weRichards Bay FC naye wavele wagula kancane wedlula emhlabeni” kusho uMqokinyana.

Scroll To Top