I-DA ayeneme ngomthethosivivinywa ochitshiyelwe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-National Assembly (i-NA) ivotele ngokuvumelana noMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wegunya Lezokushushisa Likazwelonke (i-NPA). Umthethosivivinywa uhlose ukwenza uPhiko Oluphenyayo, olukhona ngaphakathi kwe-NPA, lube yinhlangano yaphakade.
Lesi sinqumo kube yimpendulo kahulumeni eziphakamisweni zeKhomishini kaZondo Yokugwamandwa Kwamandla Ombuso ezazihlose ukubhekana nenkohlakalo.
USihlalo weKomiti lezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnu uBulelani Magwanishe, uthe bayazi ngokugxekwa kwalomthethosivivinywa. “Ikomidi lizodingida izindaba ezithinta umthethosivivinywa wokufeza ukuzimela okuphelele kwe-NPA embikweni walo ukuze udingidwe yiPhalamende lesi-7. Ngaphezu kwalokho, iKomiti linxusa uNgqongqoshe ukuthi ethule lo mthetho ngaphambi kokuphela kukaMasingana wezi-2025.”
Lo mthethosivivinywa wagxekwa kakhulu amaqembu aphikisayo ngokungacishe wenze okwanele ukuqinisekisa ukuzimela kwe-NPA noma i-Investigative Directorate(ID).
Ilungu le-DA ePhalamende, uGlynnis Breytenbach, uthe nakuba bebeweseka lo mthethosivivinywa, awenele neze. “Kufanele sibe lapha sisungula ukuzimela ngokweqiniso, okungahlangene ne-NPA, mhlawumbe ibe yisikhungo se-Chapter 9 ukuze senze i-South Africa iphephe futhi. Kunalokho, silapha nalo mthetho odabukisayo, ongagculisi neze othathe isikhathi eside ukufika ePhalamende. Kwaze kwayisono! Yeka ihlazo!” kuchaza lelilunga.