Now Reading
Ingwazi yePirates ayikazimiseli ngokuthatha umhlalaphansi ebholeni
Dark Light

Ingwazi yePirates ayikazimiseli ngokuthatha umhlalaphansi ebholeni

Akakasithathi isinqumo sokuyeka ibhola obengukaputeni we-Orlando Pirates, uHappy ”Magents” Jele.

Lesi sitobha sigcine ukubonakala ngesizini edlule sigijima kuRoyal AM ephethwe yisiqumama saseThekwini, uShaun Mkhize.

UJele ukwenze konke ebholeni laseNingizimu Afrika neZimnyama. Unqobe zonke izicoco ezimqoka okubalwa kuzona ezimbili zeligi, Telkom Knockout, Nedbank Cup neseMTN8.

Uphinde wadlala kowamanqamu weCAF Champions League ngowezi-2013 kwathi ngowezi-2015 wayibamba kufayineli yeCAF Confederation Cup.

UJele utshele elaboHlanga ukuthi usazimisele ukudlala ibhola uma kuneqembu elinentshisekelo ngaye.

“Okwamanje ngiyazicija ngedwa eceleni. Angikasithathi isinqumo ngekusasa lami. Uma kwenzeka ngithatha isinqumo sokuyeka ibhola ngizokwenza isimemezelo,” kuchaza uJele engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.

UJele kuke kwavela ukuthi iPirates ibifuna ukumnika isikhundla kodwa wala ngoba ubesazimisele ngokuqhubeka nokudlala. 

Ugcine ejoyine iRoyal AM kodwa nakhona akazange ahlale isikhathi eside eqenjini. Ekupheleni kwesizini inkontileka yakhe ayizange ivuselelwe.

“Noma yini eqhamukayo etafuleni ngivule izandla. Uma kukhona ofune sixoxe ngendaba yokudlala ngivule izandla. Uma kukhona oqhamuka nesikhundla nakhona sizohlala phansi sixoxe,” kuqhuba yena.

KuPirates udlale iminyaka eyishumi nane. Udlale imidlalo engaphezu kwengamakhulu amane kuleli qembu.

Wafika kwezikaMagebhula ngowezi-2006 esuka kuWalter Stars kaWalter Mokoena eyayidlala kuVodacom League esiyaziwa nge-ABC Motsepe League.

Ngemuva kwalokho akazange esabheka emuva. Unqobe izicoco ezintathu isizini ngayinye amasizini elandelana kuPirates.

Ngesizini yowezi-2010/11, wabamba iqhaza ekutheni eZimnyama zikhale zemuke nesicoco seMTN8, Absa Premiership neseNedbank Cup. Lokhu kwaholela ekutheni iPirates iqede isomiso sezindebe.

See Also

Akagcinanga lapho. UJele ushiye kuPirates esengukaputeni weqembu. Ngowezi-2014 nguyena owaqubula indebe yeNedbank Cup beguqisa iBidvest Wits ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Ngiyajabule ngayo yonke into engiyizuze ebholeni. Nginqobe inqwaba yezicoco nePirates okuyisifiso sanoma yimuphi umdlali odlala ibhola. Sonke sifuna ukunqoba izinkomishi. Ngiyaziqhenya ukuthi ngikwazile ukuzuza lokho,” kubeka uJele.

NgoMasingana, uJele uzobe ehlanganisa iminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa. KuBafana udlale imidlalo emithathu kuphela nje vo.

“Yize ngingasitholanga isicoco seChampions League kodwa ngiyaziqhenya ngokuthi yithina esivulele amaqembu aseNingizimu Afrika indlela kulo mqhudelwano. Nangu uHlompo (Kekana) angangifakazela.” kuphetha uJele.

IMamelodi Sundowns iyona egcine ukunqoba isicoco seChampions League ngowezi-2016. 

IKaizer Chiefs idliwe kowamanqamu alo mqhudelano ngowezi-2021 ngaphansi kukaStuart Baxter. Ithelwe othulini yi-Al Ahly yaseGibhithe ebecijwa nguPitso Mosimane ngaleso sikhathi.

Scroll To Top