UDladla uthemba ukuthi iKZN Premier’s Cup izoba lusizo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isekela mqeqeshi weRichards Bay FC uPitso Dladla uthi kumujabulise kakhulu ukubuya komqhudelwano odlalwa ngamaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal, obizwa ngokuthi iKZN Premier’s Cup.
Lo mqhudelwano nyakenye awubanga khona ngenxa yegciwane elamisa izinto eziningi ukhuvethe.
Amaqembu aba yingxenye yalo mqhudelwano ilawa agijima ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), lapho kubalwa iGladAfrica Champions League neDStv Premiership. Lawo maqembu iLamontville Golden Arrows (evikela isicoco), AmaZulu FC, iMaritzburg United, iRichards Bay FC, iRoyal AM no-Uthongathi FC.
Okuvelile ukuthi le midlalo izoba kusasa ngoMgqibelo isongwe ngeSonto, izobanjelwa eChatsworth Stadium. “IKZN Premier’s Cup izosisiza kakhulu ukuthi sikwazi ukubheka abadlali abasha uma sibahlanganisa nabadala. Lokho kosisiza thina siyiqembu ngoba sizokwazi ukuzilungiselela isizini enamasonto amabili asele ngaphmbi kokuthi iqale” kusho uDladla.
UDladla ngesizini edlule ubengumqeqeshi wo-Uthongathi FC uJomo Biyela ongumnikazi weRichards Bay wabe esemusondeza kuleli qembu ezolekelela u-Allen Freese. Bobabili la baqeqeshi amava abo abhekwe kakhulu ukuthi asebenze kusizini elandelayo ekutheni leli qembu lenze kahle.
Leli qembu liza kulo mqhudelwano lihambela phezulu njengoba emdlalweni yalo yesihle lenze kahle, lihlule iMaritzburg United ngamabili kwelilodwa, ladlala ngokulingana no-Uthongathi FC kanti ngoLwesibili libhaxabule AmaZulu FC ngamagoli amathathu kwelilodwa.
“Wonke amaqembu asethubeni elifanayo lokunqoba lo mqhudelwano, okwenza ngisho njalo ingoba wonke amaqembu azobe ehlola abadlali babo abasha. Khona abangakujwayele ubunzima bakulesi sigaba” kusho uDladla.
Ngalo mqhudelwano amaqembu azosizakala kakhulu iLamontville Golden Arrows na-AmaZulu FC, okwenza lokho ingoba la maqembu azodlala umqhudelwano weMTN 8 ezokuba ngempelasonto elandelayo.
Ebuzwa uDladla ukuthi yena noFreese bazibona beyibekaphi iNatal Rich Boys ngesizini ezayo uthe: “IGladAfrica Championship iyiligi enzima kakhulu, angeke walenza iphutha lokuthi uqagele ukuthi kothi kuphela isizini iqembu osebenza kulona lizobe likuphi. Wonke amaqembu anamathuba alinganayo. Esikufisayo nje ukuthi siqale imidlalo yeligi kahle” usho kanje uDladla.
Uthe ufuna la masonto amabili ngaphambi ngokuqala kweligi kube ukuthi bawenze wonke amalungiselelo. INatal Rich Boys izotholana phezulu neRoyal AM FC emdlalweni ozoqala ngelesi-2 emini kusasa.Lo mqhudelwano uthulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano ozosingathwa okwesi-7 kulo nyaka beku ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium, bekuhanjelwe umphathiswa weZemidlalo uHlengiwe Mavimbela, uKwenzakwakhe Ngwenya weSAFA, uThami Mchunu weKZN Sport Confederation noThobile Sifunda ongaphansi kwaMasipala iTheku, kanye nabaqeqeshi bamaqembu wonke.
Umphathiswa uMavimbela ekhuluma nabezindaba uthe: “Sibheke ukuthi kuguge utshani kule mpelasonto. Le ndebe kufana nokuthi sishisela impepho la amaqembu ukuthi akwazi ukuthi abuye nendebe kule sizini ezayo. Kubuhlungu ukuthi lo mqhudelwano uzodlalwa ngaphandle kwabalandeli, kodwa kuyajabulisa ukuthi uzokuba khona kulo nyaka” usho kanje.
Uthe nakanjani kule sizini ezoqala emasontweni azayo kube ukuthi likhona iqembu laKwaZulu Natal elinqoba inkomishi eyodwa. Umphathiswa ubuye wadlulisa amazwi enduduzo ale mindeni eyalahlekelwa amalunga awo ngesikhathi sezidubedube.
Okunye okuvelile ukuthi kulo nyaka uzoba khona umqhudelwano obizwa ngokuthi iDundee July, ezokuba seMzinyathi ngempelasonto ezayo lokhu kuqinisekiswe umphathiswa. Nayo iDundee July izoba ngaphandle kwabalandeli.
Imidlalo yeKZN Premier’s Cup iqhathwe kanje:
Kusasa ngomgqibelo
Uthongathi FC neMaritzburg United ngele-11:00 ekuseni
iRichards Bay FC neRoyal AM ngele-14:00 ntambama
NgeSonto
AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows ngele-9
iRichards Bay FC/Royal AM no-Uthongathi FC/Maritzburg United ngele-12
Kube umdlalo wamanqamu ngele-16:00 ntambama