Now Reading
Mahlanu amaqembu aseKZN azoyibamba kwiNedbank Cup
Dark Light

Mahlanu amaqembu aseKZN azoyibamba kwiNedbank Cup

Anqobe womabili amaqembu aKwaZulu-Natal akuMotsepe Foundation Championship, abedlala imidlalo yokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup Last 32.

Lawo maqembu iMaritzburg United eguqise iBlack Leopards ngamagoli amabili kwelilodwa, neMilford FC yona ehlule i-Upington City ngamabili eqandeni.

Ukunqoba kwalamaqembu kusho ukuthi sandile isibalo samaqembu azoyibamba kwiNedbank Cup Last 32.

Ngaphandle kweMaritzburg United neMilford FC, kukhona iRoyal AM, AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows neRichards Bay FC okungamaqembu agijima kuDStv Premiership angadinge kuhlunga.

Amanye amaqembu adlulele phambili iPlatinum City Rovers, iPretoria Callies, iJDR Stars, iHungry Lions, iLa Masia ne-University of Pretoria (Tuks).

IPretoria Callies iwashise ijezi iMarumo Gallants eseke yayinqoba iNedbank Cup isadlala kuDStv Premiership, lo mdlalo uphele ngamathathu kwelilodwa.

Lo mphumela ubulandela owe-Orbit College eqhwakele kwi-logi, kodwa ihlulwe iJDR Stars ngelilodwa eqandeni.

See Also

ICasric Stars ihlulwe iHungry Lions ngamabili eqandeni, iMagesi FC idliwe iPretoria Callies ngelilodwa eqandeni.

NezikaDan “Dance” Malesela iBaroka FC ziwashiswe ijezi iLa Masia eqeqeshwa uDanie Klate ngamane kwamabili sekukhahlelwa amaphenathi kumdlalo ophele zibambene ngamabili eqandeni.

AmaTuks ahlule iVenda Football Academy ngamagoli ali-13 kwali-12 sekukhahlelwa amaphenathi, kophele zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili.

Scroll To Top